SEKUNENGCINDEZI ebhekiswe emaphoyiseni ukuba asebenze ngokuzikhandla ukuze kuboshwe bonke abathinteka ekubulaweni kwabantu ngezibhelu ePhoenix njengoba esayedwa vo umuntu osaboshiwe.
Ezinkundleni ezehlukene abantu abaningi basaqhubeka nokuzwakalisa ukungenami ngokuthi ukuboshwa kwababandakalekayo kuhamba ngonyawo lonwabu.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthe angu-38 amacala aphenywa yithimba labaseshi abangu-10.
Kusolakala ukuthi abamnyama babulawa ngabomdabu baseNdiya abahlala eNingizimu Afrika, ngesikhathi kuqubuka izibhelu zokuzitapela ezitolo, ngeledlule.
Lokhu kuqinisekiswe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, izolo ngemuva komhlangano neziphathimandla esiteshini samaphoyisa ePhoenix, ukubhunga ngokuqhubekayo ngamacala okubulawa kwabantu kule ndawo nasezindaweni ezisondelene nayo.
“Amaphoyisa ngokusebenza nethimba labaphenyi eliqokwe wuNgqongqoshe wawo uMnuz Bheki Cele, asekuqinisekisile ukuthi aseluqalile uphenyo futhi azolandelela aze afike kumsuka walolu daba, abantu ababulele baboshwe bashushiswe.
“Okusiphatha kabi wukuthi abantu babulawele emgwaqweni omkhulu, okuwumgwaqo ongafanele ukuvinjwa ngabantu abangesiwo amaphoyisa,” kusho uZikalala.
Uthe amaphoyisa aqinisekise ukuthi useyedwa umuntu oboshiwe.
Ugcizelele ukuthi amaphoyisa njengoba eqhubeka ephenya amacala enzeke ePhoenix, akhona amacala afanayo enzeke eVerulam nasezindaweni ezisondelene nayo okumele alandelwe.
Uthe kuzofakwa umfutho ofanayo ekuphenyeni kulandwe izimpahla ezebiwe, nasemacaleni okubulawa kwabantu. Uveze ukuthi emawadini amathathu aseNanda, bangu-22 abantu ababulawe kulolu dlame osekunezinsolo zokuthi zinenhlese yobandlululo. Kuthiwa abangu-13 babulawe eChartsworth.
UZikalala ubeqale wahlangana nemindeni yababulewe esontweni iJesus Ministries Church eNanda.
Ubehambisana noNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Kwazi Mshengu, uSomlomo kuMasipala weTheku, uNkk Weziwe Thusi, uNgqongqoshe wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi eKZN, uNkk Peggy Nkonyeni nezikhulu zikamasipala.