Izindaba

Kuphelile ukuqagela ngesihlalo sobumeya KwaNongoma

Sabelo Nsele|Published

UMGQUGQUZELI kazwelonke we-IFP uMnuz Albert Mncwango usexwayise u Lale Ngcobo ukuthi ahlukane nokucasha nge- IFP ngokuwa kwebhizinisi lakhe ebeliseduze kwamahhovisi ale nhlangano

IQEMBU elingababeki beNkosi kuMasipala waKwaNongoma, iNation People’s Front (NAPF), liqede ukuqagela ngesihlalo sobumeya kulo mkhandlu.

Le nhlangano isiphumele obala yathi izokweseka i-IFP, ehleli ngesinqa esisodwa kulo masipala, ukuba iqhubeke nokuphatha lo mkhandlu.

Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwiNAPF.

Lokhu kuvezwe umholi wale nhlangano, uMnuz Bheki Gumbi.

Bekulokhu kunokuqagela ngozothatha isihlalo sobumeya KwaNongoma kulandela ukuthi i-NFP yanqoba ama-ward amabili okhethweni lokuchibiyela lwakamumva kulo masipala.

Lokhu kwashiya iNFP nezihlalo ezingu-14.

I-NFP isebenzisana ne-ANC enezihlalo eziyisishiyagalombili, kanti bebedinga isihlalo esisodwa seNAPF, ukuthi bakwazi ukuketula i-IFP.

I-IFP, enezihlalo ezingu-20, isebenzisana ne-EFF, enezihlalo ezimbili.

UMGQUGQUZELI kazwelonke we-IFP uMnuz Albert Mncwango usexwayise u Lale Ngcobo ukuthi ahlukane nokucasha nge- IFP ngokuwa kwebhizinisi lakhe ebeliseduze kwamahhovisi ale nhlangano

Izolo, uGumbi utshele Isolezwe ukuthi banqume ukuthi bazokweseka i-IFP ukuba iqhubeke nokuphatha lo masipala.

Uthe lesi sinqumo basithathe emva kokuhlangana ne-IFP kanye neNFP.

“Siqale sahlangana nabeNFP, saphinde sahlangana nabo sebehamba ne-ANC. Emva kwalokho sabe sesihlangana nabe-IFP.

“Sibe sesihlangana njengeqembu, sanquma ukuthi sizokweseka iqembu elinezihlalo eziningi ukuthi kube ilo eliphatha umasipala. Kusobala ukuthi leli qembu ilona ebelifunwa umphakathi.”

UGumbi uthe bona abafune sikhundla.

“Sizokuma ngaphandle. Lokhu kuzosinikeza ithuba lokuthi sikwazi ukuqapha ukuthi umasipala uyaziyisa yini izidingo kubantu.”

UGumbi uthe lesi sinqumo siyahambisana naleso esathathwa engqungqutheleni yeqembu yango-2019.

“Kuleyo ngqungquthela savumelana ngokuthi uma sihlangabezana nesimo esikanje, siyonikeza ithuba iqembu elinezihlalo eziningi ukuba liphathe.”’

UGumbi wexwayise ngokuthi bangahoxa noma yinini kulesivumelwano uma benganeme ngokuphathwa kwalo masipala.

“Sizobheka ukusebenza komasipala nemibiko yokuphela konyaka wezimali. Uma singajabule, siyobuyela emumva sibatshele ukuthi aseneme.”

UGumbi uthe kuyisimanga kubona ukuthi yize benesihlalo esisodwa kulo masipala, kepha banamandla okushintsha ukuphathwa komkhandlu.

“Siyakubonga ukuthi la maqembu avotelwe izinkulungwane zabantu, asihloniphile, eza kithina ukuzoxoxa nathi njengabantu abavotelwe abantu abangaphansi kwenkulungwane.

“Bonke sibanikezile ithuba elanele lokuthi bonke ukuthi baxoxe nathi. Ekugcineni sibe sesithatha lesinqumo esisithathile.”’