AMABHULOHO amafishane ahamba ngaphezulu kwemifula emikhulu okuthi uma igcwele amanzi ahambe ngaphezu kwawo ngeke esakhiwa KwaZulu-Natal.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uNkk Peggy Nkonyeni, ehambele KwaMaphumulo naseNdwedwe, izolo kulandela ukuthi imvula enamandla igugule imigwaqo, kwagcwala imifula, amanzi ahamba ngaphezulu kwamabhuloho abantu bangabe besakwazi ukufinyelela emakhaya.
UNkk Nkonyeni uthe la mabhuloho abakhiwa kudala manje ngeke esakhiwa ngoba kuyabonakala ukuthi ayingozi.
"Ngokubona kwethu sekumele la mabhuloho aziwa ngama-low water bridges angabe esakhiwa ngoba izigameko eziningi zabantu abemukile zenzeke lapho kunalama bhuloho. Abanye abantu bekuthi uma izimoto ebebehamba ngazo zingasakwazi ukuwela bazame ukuwela ngezinyawo, bemuke," kusho yena.
Uthe KwaMaphulumo emgwaqeni uP20, kuvuleke umgodi emgwaqweni abashayeli bezimoto sekumele bajikeleze uma beya emakhaya.
"Kwezinye izindawo lama bhuloho aholele ekutheni abantu balale emizini engaphesheya kwamakhaya. Sixolisa kakhulu emiphakathini yethu ngalokhu kodwa siyethembisa ukuthi sizofaka isicelo sokuthi imigwaqo namabhuloho okumoshwe yimvula ngalesi sikhathi samaholidi njengoba belina kakhulu, ilungiswe ngokushesha , kusetshensiswa uhlelo lokuqashwa kosonkontileka ngohlelo lwezimo eziphuthumayo. Uma kungabanga khona abaphikisayo ngoFebhuwari imigwaqo eminingi izobe isilungisiwe," kusho yena.
Unxuse amalungu omphakathi ukuthi uma umfula ungenisa noma usugcwele angalokothi azame ukuwela ngoba ethi ashiye izingane zodwa emakhaya kungcono afonele omakhelwane noma izihlobo agadelwe izingane kunokuthi alahlekelwe imiphefumulo.
"Ama-video esiwabone ngempelasonto abantu bemuka bethi bazama ukuwela, ayethusa, ikakhululukazi owesifazane waseMzimkhulu obekhala kabuhlungu omuke ezama ukuwela ebhulohweni ebese limbozwe ngamanzi. Siyafisa ukuthi imindeni elahlekelwe iduduzeke. Siwumnyango sizophuthuma silungise amabhuloho nemigwaqo ukuze kugwemeke ukumuka kwabantu bezama ukuwela emifuleni," kusho yena.