BEYINGANGENWA eyokuqhelelana nokulandela imigomo ebekiwe yeCovid-19, kwabebezobheka izikhala zokufunda eDurban University of Technology (DUT), eThekwini, abebegcwele ihholo, izolo.
Abebezozama inhlanhla, kudingeke ukuthi baqhinqe usuku lonke ngaphakathi enyuvesi kungekho okwenzekayo, bekhala ngokuthi akekho obasizayo. Yize kuze kwashaya isikhathi sokushicilela iziphathimandla zisabambe umhlangano ngalolu daba, kodwa omunye wezitshudeni utshele Isolezwe ukuthi zonke izinhlelo zokubhalisa enyuvesi zimisiwe kuze kube ziyamenyezelwa, ngenxa yesiminyaminya nokugcwala ngokweqile kwababezobhalisa.
U-Andile Bhengu (20) waseGreytown, ongomunye wabebezozama inhlanhla, uthe selokhu efike ngoMsombuluko walalela esihlotsheni sakhe ngoba ubehlose ukuthi avuke ekuseni ayozama inhlanhla.
“Ngangisifakile isicelo emanyuvesi kodwa impendulo bengingakayitholi. Nakhona eDUT bengisifakile isicelo kodwa bekusalokhu kuthiwa angilinde. Ngithathe isinqumo sokuthi ngizozibhekela futhi sengizimisele ukuthatha noma yimuphi umkhakha ovumela ukuthi ngifunde ngoba uNSFAS sengiwutholile, sewushoda ngokuthi ngamukelwe esikhungweni semfundo ephakeme nje kuphela,” kusho u-Andile.
Ukuqinisekisile ukuthi sebetsheliwe abaholi bezitshudeni ukuthi inyuvesi iyakumisa ukubhalisa, kodwa wathi bona laba baholi bathe abangayi ndawo.
UMenzi Mazibuko odabuka eManguzi, uthe naye ubelokhu efike kusempondo zankomo kodwa okummangalisile ukuthi ufike sekuvele sekukhona inqwaba yezitshudeni, zilindile.
“Silokhu sihleli kanje kusuka ekuseni akunyakazeki. Abanye sebeze banquma ukuhamba ngethemba lokuthi bazobuya kusasa (namuhla). Benginethemba lokuthi ngizobuyela ekhaya uma ngiqeda kodwa kubukeka sengathi ngizophinde ngilale lapha,” kusho uMenzi.
Esinye isitshudeni sithe sesamukelwe enyuvesi, kodwa uma sithi sizama ukubhalisa sisebenzisa uhlelo lwezobuchwepheshe, siyehluleka saze sanquma ukuzifikela esikhungweni. Sithe asisabi ukuthi singase sihaqeke esikufunayo ukuthi sibhalise sikwazi ukufunda kulo nyaka.
Umthombo weSolezwe ozibonele kungena izitshudeni, uthe inyuvesi beyibeke umgomo wokuthatha isibalo esithile kuphela kodwa inqwaba yezitshudeni yafohla zagcina sekugcwala ngokweqile esikhungweni. Kuthiwa kugcine sekufa isicabha sehholo ngenxa yendluzula ebisetshenziswa izitshudeni.
Imizamo yokuthola abaholi abasesigungwini sezitshudeni ayiphumelelanga, izingcingo zabo bezikhala zingabanjwa. UMengameli walesi sigungu uZabelo Ntuli ucele ukunikwa imizuzwana okuthe uma esefonelwa ucingo ubengasalubambi nomyalezo engawuphenduli.
UZama Mathenjwa we-South African Student Congress, usole abe- EFF Student Command ngokuphaazamisa uhlelo lokubhalisa.
“Yibona abebehlohla izitshudeni bethi zingayingeni eyokuqhelelana okugcine sekuba nesinyokotho. Kodwa asikho isimemezelo esikhishiwe ebesithi kuthathwa izitshudeni namu (esho izolo) cishe zabona ekhasini lesikhungo ku-Facebook zase ziyabizane zagcina sezeqa esibalweni,” kusho uZama.