KUPHELE amaqhinga kugwetshwa iphoyisa ngecala lokudlwengula.
Inkantolo yesiFunda KwaBhaca igwebe uNtshatsheli Nogcantsi (36), iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngokudlwengula owesimame oneminyaka engu-24.
Ngomhla ka 9 Januwari 2013, uNogcantsi wavakashela umgilwa ekhaya lakhe endaweni yaseMatshana, KuNtabankulu. Wamcela ukuthi amphelezele ethi uhambisa umngani wakhe bese eyolanda ijakhethi kwakhe. Sebefika kwakhe, wanxusa umgilwa ukuthi angene endlini emkhombisa nesitifiketi somsebenzi ukuze amethembe, kodwa umgilwa wanqaba.
"Wasuka lapho wamhambisa ehlathini eliseduze wamphoqa ukuthi avume ukuya naye ocansini ebe eqopha i-video. Wamdlwengula wamsabisa ngokuthi uzombulala nomndeni wakubo uma eke wayithi vu eyokuthi umdlwengulile," kusho uLuxolo Tyali okhulumela iNPA e-Eastern Cape.
Umgilwa wakwazi ukubaleka ngokuphuma emotweni yomsolwa igijima ngesivinini esikhulu walimala engalweni.
"Wabalekela emzini oseduze nokuyilapho athola khona usizo kowesifazane owagcina engufakazi woMbuso oqavile."
Lo mlisa ugwetshwe iminyaka engu-15, nemihlanu yokuthumba azoyidonsa kanye kanye.
Ngokusho kwabeNPA, kube nokubambezeleka ekuqulweni kwecala, umsolwa esebenzisa amandla akhe asemsebenzini ukuphazamisa ingalo yomthetho. Kuze kwagodlwa nemali yakhe yebheyili ukuze athobele umthetho kwazise nofakazi woMbuso bese ebalekele eKapa ngoba ezingelwa wumsolwa.
"Bekuqiniswe ezokuphepha enkantolo ngesikhathi ezogwetshwa ngoba bekunamahemuhemu etulo okuthiwa lakhiwe abangani bakhe abebehlele ukumkhipha ngopotsho."