Uvelile uYesu ngamacala okubulala
Image: Armand Hough / Independent Newspapers
INKABI ebufunwa uthuli ngamacala okubulala embonini yamatekisi igcine ikhalelwa amasongo kaseGonyela ngoLwesibili ekuseni.
Le nsizwa okunguVuyolwethu Tshukela odume ngelikaYesu ubhekene nohide lwamacala okubulala nokukhwabanisa iqoqa imali emabhizinisi ngo-dli. Amaphoyisa ayekhiphe umehlo kaboni kaR100,000 kufunwa le nsizwa edabuka eMthatha okukholakala ukuthi igawule kwazwakala embonini yamatekisi ngonyaka odlule ePhilippi East, Nyanga, naseDelft.
Le nsizwa ivele enkantolo yeMantshi e-Athlone namhlanje.