KUPHAZAMISEKE okwesikhashana ukwethulwa kwesabelo sezimali soMnyango wezoLimo KwaZulu-Natal esiShayamthetho eMgungundlovu izolo kutheleka obenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
Amaqembu aphikisayo, iDA, EFF neNFP aphumile ngesikhathi kungena uZuma.
I-DA iqale yabuza kusihlalo ukuthi kuvumelekile yini ukuthi uZuma abe kule ndlu ngoba akalona ilungu layo.
UMnuz Vukani Ndlovu noMnuz Vusi Khoza be-EFF bebeveva bebuza ukuthi ungena ngaphansi kwamuphi umthetho uZuma ukuthi azohlala kule ndlu.
“Sihlalo, sifuna ukwazi ukuthi kungani obenguMengameli wezwe ehleli nathi, sifuna ukwazi. Sifuna incazelo ngokuthi kungani ela,” kubuza uNdlovu.
UNdunankulu uMnuz Willies Mchunu, ungenelelile wathi uZuma umenyiwe, ngakho uyakwazi ukuhlala ngaphakathi.
Uthe akahlalanga lapho kuhlala khona amalungu kodwa eceleni lapho kujwayele ukuhlala khona izisebenzi.
“Ngesikhathi kunenkulumo eyayibhekiswe esizweni, samumema ukuthi abe yingxenye. Wabekelwa indawo nguSomlomo,” kusho uMchunu.
UMnuz Yusuf Bhamjee, obenguSihlalo walokhu kuhlala kwesiShayamthetho uthe uZuma umenyiwe wathi unelungelo lokuba kule ndlu.
Unqume ukuthi uKhoza noNdlovu abebala ukhasha belokhu bekuchithile ukuthi uZuma abe yingxenye yalo mhlangano ukuthi baphume.
Kusale i-IFP kuphela kule ndlu amanye amaqembu aphuma aduba nenkulumo mpikiswano eyenzeka uma uNgqongqoshe eqeda ukwethula isabelo sezimali.
UMnuz Vikizitha Mlotshwa we-NFP, uthe uZuma akumele angene ngaphakathi ahlale lapho kuhlala amalungu esiShayamthetho kodwa ahlale lapho kuhlala khona izivakashi.
Uthe bebengeke bahlale noZuma wathi ukube ubehleli nezivakashi bebezohlala baqhubeke nomsebenzi wosuku wathi bebengatshelwanga ukuthi uzoba yingxenye yalesi sabelo sezimali.
UMnuz Francois Rodgers we-DA uthe lesi sabelo sezimali sifane nento engekho ngoba kugcine kuyi-ANC esalile.
Uthe bebengatshelwanga bengamaqembu aphikisayo wathi akuzange kulandelwe imigomo yendlu.
“Sizombhalela uSomlomo sifuna ukwazi ukuthi kungani ingalandelwanga imigomo.”
Umholi we-IFP uMnuz Blessed Gwala, usigxekile isenzo se-ANC sokushushumbisa uZuma ingakhulumanga namanye amaqembu.
“Asisibonanga isidingo sokuthi siphume endlini ngoba uZuma unelungelo lokufika esiShayamthetho athamele ukuhlala kwendlu. Asinqabeli muntu ukuthi afike kule ndlu.”
UMnuz Mdumiseni Ntuli we-ANC, uxolisile emaqenjini aphikisayo ngokungasho kusenesikhathi ukuthi uZuma uzoba yingxenye yalesi sabelo sezimali.
USotswebhu we-ANC uNksz Nontembeko Boyce, uthe ongqongqoshe banelungelo lokumema noma ngubani.
“UZuma umenywe nguNgqongqoshe walo mnyango. Awukho umthetho ophuliwe kulokhu.”
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Themba Mthembu, usigxekile lesi senzo waxolisa kuZuma ngokwenzekile.
UZuma akazange ahambe kuze kwaphothulwa ukwethulwa kwesabelo.