SEKUPHAZAMISEKE ukufunda esikoleni samabanga aphakeme iQalakahle High, eBhamshela ngenxa yokungahlanzwa kwamathoyilethi angomahamba nendlwana asetshenziswa esikoleni.
Amathoyilethi kubikwa ukuthi asegcwele ngokweqile awasekho esimeni sokusetshenziswa abafundi nothisha.
Ngokomthombo isikole besinamathoyilethi omgodi angekho esimeni esihle.
Eminyakeni emibili edlule abomnyango wezemfundo bathi kufanele adilizwe kulethwe angomahamba nendlwana.
“Kwalethwa angomahamba nendlwana kwangathi kuba ngcono. Inkampani eyayinikwe umsebenzi wokuwahlanza yayikwenza lokhu njalo ngoMsombuluko uma beqise isikhathi kwakuba yisonto. Ngokuqhubeka kwesikhathi kwaba amasonto amabili noma amathathu, bekhala ngokungakhokhelwa,” kusho umthombo.
Uthi isimo sokungahlanzwa kwalawa mathoyilethi sesiholele ekutheni izingane zigodukiswe singakashayi isikhathi sokugoduka. NgoLwesithathu nayizolo izingane zisheshe zagodukiswa ngenxa yamathoyilethi.
Usihlalo wesigungu sesikole, uMnuz Eric Makhanya, uthe inkinga yamathoyilethi indala.
Uthe sebayibika kaningi emnyangweni kodwa ingalungi. Uthe babe nethemba kulethwa amathoyilethi angomahamba nendlwana bethenjiswa nokuthi azokwakhiwa.
Kunokuthi izinto zilunge kube nezinkinga njengoba amathoyilethi engahlanzwa futhi esephazamise nokufunda kwezingane.
“Kumanje izingane zisheshe zigoduke ngoba ngeke zikwazi ukuhlala usuku lonke esikoleni engekho amathoyilethi. Nyakenye ukufunda kuphazamisekile, kwaphazamiseka nemiphumela yesikole,” kusho uMakhanya.
U-matric wangonyaka odlule uthole * -56.9% usuka ku-70%.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa uthe bazolulandelela udaba lwenkinga yamathoyilethi.
“Ukuba khona kwamathoyilethi asesimeni esifanele namanzi ngezinye zezinto ezibalulekile esikoleni ngoba kuthinta nesithunzi somuntu. Lena yinto esiyithathela phezulu nesiyisukumelayo. Kubi kakhulu ngoba sekuphazamise nokufunda kwezingane,” kusho uMlotshwa.
UDkt Bongani Nxumalo uthe wonke amathoyilethe anamagciwane kodwa lawa angomahamba-nendlwana anamagciwane amaningi ngenxa yokuthi awukho umoya ongena kuwona.
Uthe abafundi bazothola amagciwane amaningi futhi azochamiseleka kalula kwazise adinga indawo enamanzi engashayi umoya ukuze ande.
“Abafundi kulula ukuthi baphathwe yisifo sohudo, imikhuhlane nezinye ngenxa yamagciwane amaningi adalwa wukufudamala nokuhlanzwa kwamathoyilethe,” kusho uDkt Nxumalo.