KUSHE isitimela sakwaMetrorail ngoLwesihlanu, e-Eerste River, eCape Town.
Okhulumela ezomgwaqo kule ndawo, uMnuz Kenny Africa, ukuqinisekisile ukusha kwalesi sitimela, athe kwenzeke ngehora lesihlanu ekuseni.
Emva kwalesi sigameko, le nkampani inqume ukuzimisa izitimela kule ndawo.
Okhulumela abezicishamlilo eCape Town, iFire and Rescue Service, uMnuz Jermaine Carelse, uthe abalwa nokucisha umlilo abavela eMfuleni, Kuils River naseBelhar, benze isiqiniseko sokuthi lo mlilo oqubuke ngenkathi kusha lesi sitimela awubhebhetheki njengoba bekwazile ukuwunqoba.
“Abacishimlilo bakwazile ukusukumela lesi simo emva kokuthi bebikelwe ngaso ngo-4.50 ekuseni ngawo uLwesihlanu,” kusho uCarelse.
Ngokusho kwakhe, bebengekho abagibeli kulesi sitimela ngenkathi kusha lo mlilo.
Uthe kuthathe ihora ukuthi lo mlilo unqotshwe ngabacishimlilo, emva kwalokho kwangenelela iPassenger Rail Agency of SA.
USihlalo wekomiti lezokuthutha, uMnuz Angus McKenzie, uthe ezokuthutha zizophazamiseka kusukela izolo njengoba kwenzeke lesi sigameko.
Ngokwakhe, kusenzima ukusho ukuthi ngabe lesi sigameko sihlobene yini nesenzo sokucekela phansi ngomlilo noma cha.
Uthe angakusho wukuthi ukungaphathi ngendlela yikona okuholele ekutheni kucishe kushabalale ezokuthutha umphakathi.