Izindaba

Kuphangalale abathathu engozini enyantisa igazi ngaseShelly Beach

Mbali Ncayiyana|Published

Kuphangalale abathathu kushayisa iveni elayishe amazambane nezimoto ezimbili

Image: FACEBOOK

Abezimo eziphuthumayo i-KwaZulu-Natal Private Ambulance Service baphuthume esigamekweni lapho kugqubuzene izimoto, emgwaqeni uR61, ngaseShelly Beach ngabo 10:00 ekuseni.

Le ngozi ibibandakanya uhlobo lwemoto ibakkie ebidonsa inqola elayishe amazambane, kanye nezinye izimoto ezimbili. Le ngozi iholele ekufeni kwabantu abathathu, ababili basesimweni esibucayi, kanye nabanye ababili abalimele kakhulu. Abezimo eziphuthumayo be-KwaZulu-Natal Private Ambulance Service bahlinzeke ngosizo oluphuthumayo khona lapho endaweni yesigameko.

Kuphangalale abathathu kushayisa iveni elayishe amazambane nezimoto ezimbili

Image: FACEBOOK

Kuthunyelwe indiza enophephela emhlane yezimo eziphuthumayo ngenxa yobucayibesimo kwabalimele, okuholele ekuvalweni kwesikhashana komgwaqo.Iziphathimandla ezifanele zisaphenya ukuthi yenzakale kanjani le ngozi.I-KwaZulu-Natal Private Ambulance Services idlulisa ukuzwelana kakhulu nemindeni kanye nabangani balabo abashone engozini.