Izindaba

Kuphangalale 15 kweyetekisi neveni e-Eastern Cape

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kubhubhe abantu abangu-15 kweyeveni netekisi

Image: X

"KUFE abantu abangu-15 kwathi abahlanu bathola imihuzuko engozini yetekisi neveni. Ingozi yenzeke phakathi kwamabili ngoMgqibelo emgwaqeni u-R63 phakathi kwe-Adelaide neMaqoma, iFort Beaufort. Kukholakala ukuthi itekisi ibisuka eQonce ilibangise eKapa ngesikhathi ishayisana neveni.

Umshayeli weveni ushonele endaweni yesigameko nabagibeli abangu-13 kubalwa kubo nomshayeli wetekisi.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape, u-Unathi Binqose, uthe abagibeli abayisithupha baphuthunyiswe esibhedlela kodwa oyedwa kwamenela ngesikhathi befika.

“Le ingozi embi kakhulu esike sayibona e-Eastern Cape esikhathini eside, ngoDisemba noma ngamaholidi ePhasika asibanga nayo ingozi eyodwa edlule nemiphefumulo yabantu abaningi kangaka.”