KUHLEHLE umngcwabo emuva kokuphambana kwezidumbu zabangani emakhazeni njengoba omunye umndeni ungcwabe esomunye ngoLwesihlanu.
Abashonile ngabesilisa ababili abadutshulwe bashona ngesonto eledlule eTrustfeed, eNew Harnover, ngaseMgungundlovu.
Kuthiwa ngoLwesine umndeni wokuqala uye emakhazeni wayolanda isidumbu obucabanga ukuthi eselungu lawo wase uyasingcwaba ngoLwesihlanu.
Kubikwa ukuthi ngoLwesihlanu ntambama kube sekuya emakhazeni lona omunye umndeni uyolanda isidumbu selungu lawo, wazithela kwesendodana yomndeni wokuqala obese uvele ungcwabile.
Kuthiwa iqale lapho-ke inkinga, kwaduma amakhanda sekuvela ukuthi kuphambane izidumbu. Lokhu kuholele ekutheni uhlehle umngcwabo obekumele ube ngoMgqibelo.
Ithintiwe yomibili imindeni izolo ukuze iphawule ngokwenzekile kodwa yenqaba ukuphefumula, ikhala ngokuthi wudaba lubucayi kakhulu futhi kuzobeka izimpilo zabo engcupheni uma bengavula imilomo ngalo.
Ngokuthola ngomthombo, owazi ukusuka nokuhlala ngalesi sigameko, ocele lingadalulwa igama lawo ephepheni ngenxa yokwesaba, uthe oyedwa kwababulawa wayesolwa ngokuba yiphara endaweni.
Uqhube wathi ababulali babulala owayesolwa ngokuba iphara base bebulala nayekade ehlezi naye ngoba begqiba ubufakazi.
Ulandise wathi laba ababili babulawa besemzini thize endaweni.
“Umndeni wokuqala uyile emakhazeni ngoLwesine walanda isidumbu obukade uzitshela ukuthi ngesendodana yawo kanti esikalona omunye owabulawa kade ehlezi naye. Kwenziwe konke okumayelana nomngcwabo kwazise sasikhona nasemlindelweni saze sayongcwaba emathuneni kahulumeni asendaweni kanti singcwaba umuntu okungeyena,” kusho umthombo.
Namhlanje kulindeleke ukuthi yomibili imindeni ifake incwadi eNkantolo yeMantshi yaseNew Hanover inxusa igunya lokumba isidumbu esingcwatshwe ngoLwesihlanu.
Ikhansela lendawo, uMnuz Fastice Mbongwe, lithe lufikile ezindlebeni zalo lolu daba lokuphambana kwezidumbu abalubhunge nemeya yaseMshwathi.
UMbongwe uthe usazohlangana nemindeni khona ezothola kahle ingqikithi ngokwenzekile njengoba eyalelwe yimeya ukuthi aye kule mindeni. Isolezwe ligcine lingatholanga ukuthi lezi zidumbu bezikumaphi amakhaza.
Imeya kaMasipala uMshwathi, uMnuz Mandla Zondi ithe iyazi ngalolu daba futhi sebexhumene nayo yomibili imindeni. UZondi uthe bona bewumkhandlu beluleke umndeni obungakangcwabi ukuthi usale usukumisa.
UZondi uthe beluleke nangokthi imindeni iye enkantolo iyothola incwadi eyigunyaza ukuthi kumbiwe isidumbu esingcwatshiwe futhi kuthintwe noMnyango wezokuBusa ngokuBambisa neziNdaba neziNdaba zobuHoli boMdabu.
"Sibacele ukuthi baye enkantolo kusasa ekuseni (namhlanje) bayothola incwadi ebanika igunya lokumba isidumbu. Sibonasine nangokuthi njengoba yomibili imindeni yakhelene kunganjani isale seyenza umngcwabo owodwa ngempelasonto," kusho uZondi