WILLEM PHUNGULA
UMNDENI wakwaMiya eCentocow ngaseBulwer ukhala ngemigomo yeCovid-19 evimbela imindeni ukuba ibone izidumbu zabashonile emva kokuduka kwesidumbu selungu lawo esitholwe sesingcwatshwe ngomunye umndeni.
UNksz Anele Machi utshele Isolezwe ukuthi umndeni wakoninalume kwaMiya usashaqekile ngokwenzeke emakhazeni akwaNtsika Funeral Services eXobho. Uthe umzala wakhe, uNksz Nokwazi Miya, ushone esesibhedlela sakhona eCentocow ngoMsombuluko odlule base bethatha isidumbu bayosifaka emakhazeni akwaNtsika eXobho. Uthe ngesikhathi beyomlanda umzala wakhe ekuseni ngoLwesihlanu ukuze bamfihle, bafike bathola ukuthi akasekho emakhazeni, kukhona umndeni omthathile.
Uthe bavele bashaqeka njengoba ithuna bese limbiwe sekwenziwe konke, sekulindwe isidumbu ukuba sifihlwe. Uthi kubikelwe amaphoyisa, afike nabakwaNtsika bezochaza ekhaya ukuthi kuphambene izidumbu, basacela ukunikwa ithuba bayoxoxa nomndeni waseMhlabashane eHighflats, obuthathe isidumbu wasingcwaba kanti uthathe okungesiso esawo. UNksz Machi uthi kumele kube khona indlela okuzokwenziwa ngayo ukuthi imindeni izigculise ukuthi ngempela ingcwaba amalungu ayo. Ugxeke nayo inkampani yamakhaza, wathi kumele yenze isiqiniseko sokuthi ibhale igama okuyilo ebhokisini njengoba imindeni ingavunyelwe ukuvula izidumbu zezihlobo zayo.
"Okusiphatha kabi nje wukuthi kasazi ukuthi kuzokwenzekani emndenini ngoba sazi ukuthi ithuna kalilali. Sinovalo ukuthi mhlawumbe le nto izosidalela izinkinga," kukhala uNksz Machi.
Okhulumela amakhaza akwaNtsika eXobho, uMnuz Nkosikhona Mchunu, uvumile ukuthi kuphambane izidumbu. Kodwa wakhala ngengcindezi yemigomo ebekwe wuhulumeni. Uthe kodwa iphutha libe kumngcwabi onguzakwabo ababeka ndawonye izidumbu egunjini elinesiqandisi, athe nguye othathe isidumbu selungu lakwaMiya wasinika umndeni waseMhlabashane ngephutha.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto ngoMgqibelo ekuseni uthe kodwa sekulungisiwe, sesimbiwe isidumbu sabuyiselwa emakhazeni, balungiselela khona ukusifihla. Uthe bagqokise umndeni wakwaMiya izimpahla ezivikela iCorona base beyawuvulela ibhokisi ukuze uqiniseke ukuthi ngempela yilungu lawo.
UMnuz Mlungisi Dlangisa, okunguye umngcwabi obethole umsebenzi wokungcwaba ilungu laseMhlabashane uvumile ukuthi kwenzeke iphutha kodwa usembiwe ngokushesha obengcwatshwe ngephutha, wabuyiselwa emakhazeni.
Uthe uzimisele ngokuthi awungcwabele mahhala umndeni njengoba bese ungene ezindlekweni zokungcwaba umuntu okungesiye wawo. Imizamo yokuthola umndeni ongcwabe umuntu okungesiye owawo kayiphumelelanga.