ABATHENGI bazothwala kanzima njengoba kulindeleke ukuthi intengo yamaqanda yenyuke ifinyelele ku-20% ezinyangeni ezizayo.
Lokhu kudalwe ngukuthi izinkukhu eziningi zifile ngesikhathi kunomkhuhlane wazo i-avian influenza ehlasele emapulazini amaningi kuleli ngoJuni.
Izifundazwe ezithinteke kakhulu ngokubheduka kwalesi sifo kubalwa, iGauteng, iMpumalanga neWestern Cape.
Zingaphezulu kuka-2 million, izinkukhu ezafa eWestern Cape, lezi zinkukhu bezikhiqiza * -70% wamaqanda. Ezitolo eziningi amaqanda angu-30 abiza uR59 99 kuya phezulu.
Osomnotho bezolimo bathi intengo yemikhiqizo yezolimo okuhlanganisa nawo amaqanda iyakhuphuka uma lowo mkhiqizo umncane.
Selokhu kubheduke lesi sifo amaqanda aya ngokuncipha.
Kulindeleke ukuthi lesi simo sibe ngcono ngemuva konyaka.
Usomnotho wenhlangano ecwaninga ngebhizinisi lezolimo i-Agricultural Business Chamber (Agbiz), uMnuz Wandile Sihlobo, uthe ingcindezi yokwenyuka kwemali yokuthenga amaqanda isuka emapulazini okuyiwo adayisela izitolo.
Uthe ezinkukhwini ezibalelwa ku-4 million ezabulawa ngoba zihaqwe wumkhuhlane kwakungezamaqanda yingakho intengo yenkukhu ingashintshile.
“Izitolo zithenga ngemali ethe xaxa bese nazo zifaka imali ethe xaxa ukuze zikwazi ukwenza inzuzo, ekugcineni umthengi nguyena ozwelayo uma kunomkhiqizo onciphile,” kusho yena.
Uthe uma isimo siba sibi kungaholela ekutheni amaqanda angatholakali ezitolo.
Izitolo eziningi zakuleli zithi okwamanje ngeke zisaba nazo izipesheli zamaqanda.
AbakwaShoprite nasePick n Pay bathe basiqaphile isimo ezitolo zabo.
UNksz Tamra Vally, wakwaPick n Pay, uthe banesitokwe esenele samaqanda okwamanje.