NONTUTHUKO NGUBANE
ISINZIMA impilo yowesifazane (38), waKwaDambuza, ngaphandle kwaseMgungundlovu, okuthiwa udlwengulwe ngabesilisa abathathu nabesifazane ababili, bamshutheka upelepele esithweni sangasese.
Lo wesifazane, ongeke adalulwe ngenxa yobucayi becala, kumanje ugcinwe lapho kukhoseliswa khona abesifazane abahlukumezekile.
Isolezwe lithole ukuthi isimo sakhe asisihle njengoba selokhu kwenzeka isigameko uselokhu eya esikhathini, okungasanqamuki.
Umgilwa kuthiwa usehlala ngokuthuka.
Abasolwa kuthiwa bamsola ngokuthi webe iselula nemali yabo, base bemhlanganyela, bamdlwengula.
NgoLwesithathu, enkantolo yaseMgungundlovu kuvele okokuqala abasolwa abahlanu ngecala.
OMnuz Khumbulani Khumalo, Sihle Mdunge, Nkululeko Mngadi, noNksz Hlengiwe Mncwabe noNtombifikile Gwiliza, babhekene necala lokudlwengula lo wesifazane.
NgoLwesithathu, bebevela okokuqala enkantolo njengoba beboshwe ngoMsombuluko ebusuku khona KwaDambuza.
IMantshi uNitesh Binessarie, ilihlehlisele u-Ephreli 29 nonyaka icala, ukuze bezofaka isicelo sebheyili.
Laba basagqunywe esitokisini.
Ngesikhathi bengena ebhokisini laba basolwa bebenyobozela, begqoke amajakhethi, omunye wesifazane efake iduku ekhanda.
Abasolwa bacele ukumelwa ummeli wesihle. Uyedwa okuvele ukuthi usake walahlwa icala lokuntshontsha ngaphambilini.
Ngokuthola kweSolezwe, isigameko sokudlwengulwa lo wesifazane senzeke ngoMashi 3 nonyaka.
Ngokuthola kweSolezwe kumthombo osondelene nalolu daba, umgilwa wasolwa ngokweba iselula nemali ngomakhelwane bakhe, lapho ayeqashe ngakhona.
“Kwaba nokuhilizisana. Umgilwa wabe esedlwengulwa ngabesilisa, owesifazane omunye wamphoqa ukuba amukhothe isitho sakhe sangasese. Abesifazane kuthiwa babe sebemgxisha upelepele esithweni sakhe sangasese,” kusho umthombo.
Isolezwe lithole ukuthi selokhu kwenzeka lesi sigameko umgilwa ubelokhu esesibhedlela ngenxa yokulimala.
Kuthe noma esededelwa eyohlaliswa kule ndawo yosonhlalakahle waqhubeka nokungaphili kahle.
“Ngokusho kukamgilwa selokhu kwenzeka le nto yokuba agxishwe upelepele nokudlwengulwa, ulokhu eya esikhathini. Impilo yakhe inzima kakhulu njengoba engumuntu osehlala ngokwesaba,” kusho umthombo.
Laba basolwa kuthiwa baboshwe bengazelele bezilalele ezindlini zabo KwaDambuza.
Imizamo yeSolezwe yokuba ikhulume nomgilwa ayizange iphumelele izolo njengoba kuthiwa isimo sakhe asikabi sihle.