IMILE impilo kowesilisa waseMariannhill, eThekwini, ngenxa yokungabinawo umazisi njengoba kuvela ukuthi sewashona kuMnyango wezaseKhaya.
UMnuz Emmanuel Siphiwe Lamuni (49), odabuka eMatatiele, uthi washayeka phansi ngoJulayi 3 wangonyaka odlule emva kokuthola ukuthi “washona” ngoJuni 9 nyakenye.
ULamuni uthi ukungabinawo umazisi sekuholele ekutheni ancishwe ucansi ngunina wezingane zakhe ezintathu ngoba akasebenzi ngenxa yokuthi akanawo umasizi.
Uma elandisa uLamuni uthi wathola ucingo olwaluvela enkampanini yomshwalense, ifuna aqinisekise inombolo yakhe kamazisi. Uthe emva kwalokho watshelwa ukuthi ngokweminingwane “akasekho emhlabeni” kepha kukhona osebenzise izinombolo zakhe zikamazisi wafaka isicelo senkokhelo yomshwalense.
Uthi akabange esayiqeda leyo ngxoxo wavele wadlikiza, waquleka ethuswa yilezi zindaba ezishaqisayo njengoba namanje uthi akakawuphonsi umbalane.
Ngo-Ephreli nonyaka uvule icala emaphoyiseni aseMariannhill, idokodo ladluliselwa eMgungundlovu, lapho okuthiwa kukhona owathatha umshwalense ngomzisi wakhe.
Udalule nokuthi ipasi lakhe lalahleka ngo-2010 enkabeni yedolobha eThekwini, esahlala eMaydon Wharf. Uthi akasakwazi nokufaka isicelo semali eyisibonelelo sabangasebenzi uR350 ngoba akanalo ipasi.
Ukungasebenzi kwakhe ngenxa yokungabi nomazisii sekumdalele izinkinga ekhaya nomama wekhaya uyagoloza ukuya ocansini naye.
“Ukuhlekisana nje okungatheni emini nomama kodwa ebusuku ngishaya uvalo ngibikelwe ngoba ngiyazi ukuthi ngisuke ngizoncishwa ucansi. Sesize sahlukana nangezindlu lapho esiqashe khona nokuyinto ebingenzeki phambilini,’’ usho kanje uLamuni.
Ulandise wathi banezingane ezintathu nalo wesifazane futhi sebethandane kusuka ngo-1988. Uthi kwakuhle kudelile esasebenza echwebeni emtateni kwaphuma nezimali bazidla kodwa ukulahleka kukamazisi wakhe kwamngcwaba, ephila.
UMnyango wezaseKhaya umthatha njengomuntu ongasekho emhlabeni. Ucele usizo lokulungiselwa inkinga abhekene nayo ukuze akwazi ukondla umndeni wakhe abuyelwe nayisithunzi ekhaya.
“Ingubo yasekamelweni angisayazi ngampela, angisenamali ngakho ke unkosikazi akasanginiki lutho. Wake wangifaka nencwadi yesivimbela yasenkantolo yokuthi ngingasondeli eduze kwakhe ngoba njalo wayengiqhelisa uma ngizomcela ucansi,’’ kubalisa uLamuni.
ULamuni uthi uyaphoqeleka ukuthi aye emaphoyiseni ayokwenza isitatimende esifungelwe, njalo uma efuna ukwenza okuthile okudinga umazisi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aseMgungundlovu aphenya icala lenkohlakalo. Uthe kusolakala ukuthi uLamuni walahlekelwa wumazisi ngo-2010, wabe eseyobika emaphoyiseni.
UCapt Gwala uthi le ndoda kwathi mhlazane iya emnyangweni wezasekhaya iyofaka isicelo sikamazisi omusha, yatshelwa ukuthi imishini iveza ukuthi yashona ngo-Juni 9 nyakenye.
“Le ndoda ithi yathola ngokuhamba kwesikhathi ukuthi umazisi wayo wasetshenziswa ukuze kuhlonyulwe imali yomshwalense,” kuchaza uCapt Gwala.
Kushaye isikhathi sokushicilela abomnyango wezasekhaya bengayiphendulanga imibuzo, abebethunyelelwe yona.