UKHUNGATHEKILE umndeni wamalungu amabili okuthiwa ashone ngenkathi kumuka itekisi ebeliwela ibhuloho ngoMgqibelo ntambama, lilibangise eMngwenya, ePhofini.
MBALI KHANYILE
UKHUNGATHEKILE umndeni wamalungu amabili okuthiwa ashone ngenkathi kumuka itekisi ebeliwela ibhuloho ngoMgqibelo ntambama, lilibangise eMngwenya, ePhofini.
Kuthiwa amalungu omndeni wakwaZiqubu, abeyisithupha esewonke kuleli tekisi, iToyota Quantum, ebelisuka eWeenen.
Phakathi kwamalungu angakwazanga ukuphuma emfuleni, kubalwa oNkk Zamekile noGqamile Ziqubu abangomakoti.
Omakoti, kubikwa ukuthi izidumbu zabo zitholwe ngamaphoyisa ophiko lwabatakuli ngeSonto emfuleni abaminze kuwo.
Obehamba nomakoti, uMnuz Mbhekise Ziqubu, ongumyeni kaZamekile, kuthiwa nguyena nezingane zakhe ezintathu abebehamba nazo, ebakwazile ukuphuma emfuleni.
UNksz Londiwe Ziqubu oyindodakazi kaZiqubu, uthe isimo simuncu emndenini njengoba uzilele omakoti ababili.
Uthe izingane ebezikhona ngenkathi kumuka omam’ ncane bakhe, ziphazamisekile emqondweni.
“Sisadidekile sonke ngokusehlele. Okukababa kunzima kakhulu ngoba unkosikazi wakhe uminze embuka. Uzamile ukumphonsela intambo abefuna ukumdonsa ngayo kodwa umam’ncane wahluleka ukuyibamba,” kubeka uNksz Ziqubu.
Eqhuba uthe, isimo sinzima emndenini njengoba omakoti bobabili bebeyinsika yekhaya.
“ Omunye wabo ( omam’ncane ) ngikhulele esandleni sakhe. Yingakho kusazoba nzima ukuphila ngaphandle kwabo. Angazi ukuthi sizomisa kanjani njengoba sekusele izingane nobaba kuphela.,” kubeka yena.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uthe uphiko lwezinhlekelele lusebenza kanzima ukuthola abantu abangatholwa. Umnyango uveze ukuthi kulesi sehlo kushone abantu abane kanti ababili abakatholwa.
UNgqongqoshe, uMnuz Sipho Hlomuka, uthumele amazwi enduduzo kwabalahlekelwe amalungu emindeni yabo.
UHlomuka uxwayise imiphakathi ukuthi iqaphele futhi ikugweme ukuwela emabhulohweni uma kuna imvula.
Itekisi kuthiwa belithwele abagibeli abangu-17 kanti abagibeli abangu 13 bakwazile ukuphuma.