Izindaba

Kunxuswe abokufika ukuthi bangafohli uma bengena kuleli

Mhlengi Shangase|Published

ABAFUNDI bezikole ezehlukene KwaZulu-Natal bephephezelisa amafulegi akuleli ngesikhathi kugujwa usuku i-Africa Day oLundi izolo

Image: Facebook

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uthe uma bethi bafuna abantu bakwamanye amazwe babe kuleli ngokusemthethweni, akungoba bengabafuni kulesi sifundazwe kodwa kumele kulandelwe umthetho.

UNtuli obekhuluma izolo kugujwa i-Africa Day ezwenikazi i-Afrika, oLundi, uthe bafuna abantu bakwamanye amazwe babe nezimvume.

"Sifuna abantu bakwamanye amazwe babe nezimvume zokuba kuleli. Sifuna bangene ngesango, hhayi ukufohla. Lokho siyaphikisana nakho ngoba abenza lokho bayizigilamkhuba," kusho uNtuli.

Uthe abayihloniphi imithetho yokubuswa kwezwe abangena ngokungemthetho.

"Njengezwe nesifundazwe kumele siwuvikele umnotho wakuleli. Kwamanye amazwe kukhona lapho umuntu ongeyena owakulelo lizwe, engeke avule ibhizinisi lokucwala izinwele, elingadingi ikhono." 

Uthe kumele kunxenxwe amazwe namazwe ukuthi avakashele oNdini ngoba kunomlando obalulekile othinta namaliba amanye amakhosi aKwaZulu.

ABAHOLI abehlukene emgubheni wosuku i-Africa Day eFreedom Park Heritage Site eGoli izolo

Image: X

Usuku i-Africa Day lugujwa njalo ngoMeyi 25. 

Ngalolu suku kwabunjwa inhlangano i-Organisation of African Unity, eyagcina isiyaziwa nge-African Union.

Kuzwelonke umgubho walolu suku ubuseFreedom Park Heritage Site eGoli.

UNgqongqoshe ehhovisi likamengameli uNksz Maropene Ramokgopa, uthe kubalulekile ukuthi i-Africa ibumbane.

BELUGUJWA kanje izolo usuku i-Africa Day eFreedom Park Heritage Site eGoli

Image: X

Ekhuluma eThekwini izolo, uthe bahlale belukhumbula lolu suku ngoba ngalo kwabunjwa inhlangano ebaluleke kakhulu e-Africa.

Uthe kumele ngalolu suku kubunjwane kuthuthukiswe nezwekazi i-Afrika.

"Kumele ngaso sonke isikhathi sigqugquzele ubumbano e-Afrika. Uncome nowayengumholi we-ANC Inkosi Albert Luthuli, ngeqhaza lakhe ekubumbeni abantu base-Afrika."