OMASINGCWABISANE abasebenza ngaphansi kweTheku namaphethelo basalelwe yisikhathi esingangesonto ukuthi babhalise kuMasipala weTheku ukuthi benza la mabhizinisi njengoba wonke umuntu osebenza kulo mkhakha kumele abhalise ngaphambi kukaNovemba 30.
Inhloko yophiko lwamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko, uMnuz Vusi Mazibuko, uthe ukwanda kwabantu abanamabhizinisi okungcwaba angekho emthethweni sekuholele ekutheni umasipala uthathe isinqumo sokuthi abanabhizinisi athinta ukungcwaba nokwenziwa kwamatshe ezikhumbuzo kulo masipala baziveze ngokuthi babhalise noma bavuselele amagama abo ohlwini olukhona.
"Ukusebenza kwabantu abangekho emthethethweni kunomtheelela omubi kwabanye osomabhizinisi kanjalo nasemindenini esuke ilahlekelwe. Siyabakhuthaza abantu ukuthi babhalise kulo luhla , siyethemba ukuthi lokhu kuzokwenza ukuthi babhalise ngokusemthethweni amabhizinisi abo aziwe," kusho yena.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela umasipala, uthe osomabhizinisi abafuna ukubhalisa bangavakashela emahhovisi abo asebhilidini iDelta Towers, esemgwaqweni uPixley KaSeme.