SEKUQUBUKE umbango emndenini womculi kamaskandi ongasekho, uFihlezakhe Mnomiya nengoduso yakhe uHlengiwe “Mahlengi” Ntshayintshayi, ngenxa yezimpahla zikamufi okuthiwa igweve nazo.
UFihlezakhe washonela esibhedlela saseGreytown ngenyanga edlule ngenxa yokuxinwa yisifo sezinso.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ngomthombo walo osondelene nababangayo ukuthi abasemzini abasabhekani nengoduso kaFihlezakhe. Umndeni wakwaMnomiya usola uMahlengi ngokunqwaha nezimpahla zikamufi okubalwa kuzo imoto (Toyota Corolla 1.6 Sprinter), i-sound system nezingubo zokugqoka.
“Nangosuku lomngcwabo yafika yayozihlalela nababeze emngcwabeni futhi yahamba nabo. Ayigezwanga njengoba ishonelwe uyise wengane yayo. Okwenza umndeni ufune izimpahla zikaFihlezakhe yingoba ufuna ukuzihlambulula ngokosiko olwenziwa uma kushone umnikazi wazo.”
Leli phephandaba libuye lahabula ukuthi zikhona izimpahla zikamufi ezalandwa wumndeni lapho ayeqashe khona ehostela e-17, esigcemeni sakwaT, eMlaza.
Ngokusho komthombo umufi ugule ekipite nengoduso yakhe eMalukazi kodwa ithe seyibona ukuthi ayingangayo, yayomlaxaza kudadewabo kamufi osoThongathi. “Yilapho umndeni umthathe khona wamphuthumisa esibhedlela saseNtunjambili ngaphambi kokumdlulisela kwesaseGreytown lapho afike washonela khona,” kuphetha umthombo.
Ethintwa uMahlengi uphike waze walala ngomhlane ukuthi kunokungahoshelani phakathi kwakhe nomndeni wakwaMnomiya. Kuhluleke ngisho etshelwa ukuthi kunezinkulumo zakhe eziqoshiwe kuWhatsApp kodwa waqhubeka nokuphika.
“Ngiyaqala nje ukukuzwa lokho. Wena uzwe ngobani?” Ubelokhu efonelwa kodwa elokhu elucisha ucingo. Umnewabo kamufi uZakhele Mnomiya, uvumile ukuthi uMahlengi uyababalekela uma befuna ukukhuluma naye ngezimpahla zikamufi. “Uvele ezwe ukuthi yimina aluvale ucingo. Ikhona incwadi eyisivimbelo ayithole enkantolo.”
Nomnikelo kaR3 140 okuthiwa wakhishwa ngabaculi baseThekwini, nawo ushayisa amakhala emndenini.
UFihlezakhe obedume ngengoma ethi Unyawo Lwalensizwa Aluyaz’ ISoviet, nguye owavumbulula ikhono likaMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele noBahubhe.
Wadabuka eMakhabeleni eKranskop, waqala ukuqopha nge-albhamu eyayithi Kwamam’ nengalo ngo-2006, walandelisa ngethi Inkunz’ Emavava, Amagam’ Empi kodwa wagcina ngethi Incwad’ Engafundeki.
Wabuye wasebenza noZwangabantu Hadebe, Sgwebo Sentambo nomculi wokholo, uLindani Gumede.