SEKUQUBUKE indida ngokuthi babulaweleni abalisa ababili abangabokufika okuthiwa baqale bashawa ngaphambi kokuthi bashiswe babulawe.
UMnuz Daniel Dunia wenhlangano elwela amalungelo abantu, i-Africa Solidarity Network (ASONET) uthe basadidekile ngokubulawa kwabalisa ababili baseCongo, uMnuz Alex Msambya (30) noMnuz Nakatanda Mazuruza (32), okuthiwa batholakale beshiswe babulawa emuva kokuthi begcine bebonakala beya e-Adams Mission ngoLwesibili oludlule.
UDunia uthe izidumbu zalaba bobabili zitholakale ngoLwesine emakhazeni asePark Rynie emuva kokuthi benyamalale ngoLwesibili. “Bahambe bethi baya e-Adams Mission bayokhanda ifriji kodwa bangabuya. Kuthe uma sibona ukuthi abatholakali sababheka yonke indawo kwaze kwaba sithola ucingo lusibikela ukuthi basemakhazeni. Ngendlela abashe ngayo bekunzima ngisho ukubabona bese sisizwa yizingubo ababezigqokile,” kusho uDunia.
Uthe okubaphatha kabi ukuthi akucaci ukuthi babulaweleni oMsambya noMazuruza. Ngokusho kwakhe, sebezame ngayo yonke indlela ukuthola kubantu balapho okuthiwa bashiselwe khona kodwa akekho ofuna ukuphumela obala ngalesi sehlakalo.
Kwayizolo uthe bebehambele indawo yesigameko beyozama ukuthola ngokwenzekile kodwa bangamthola umuntu obacaciselayo.
“Akekho ofuna ukukhuluma ngokwenzekile kodwa uma sizwa noma sibona indawo okwenzeke kuyona siyabona ukuthi bashawa base beshiswa ngamathayi. Yinto ebuhlungu kakhulu lena kuyabonakala nje ukuthi babulawelwe inzondo yokuthi ababona abakuleli ngoba uma siphenya asisitholi esinye isizathu,” kuchaza uDunia.
Ukhale nangokuthi abagculisekile ngophenyo ngokufa kwalaba bobabili njengoba ethe kuze kube manje asikho nesisodwa isitatimende esesitathiwe kubantu balapho okubulawe khona oMsambya noMazuruza.
Uthe okunye okumphatha kabuhlungu ukuthi uMsambya bekungaqali ukuthi ahlukumezeke ngenxa yodlame olubhekiswe kwabokufika, ngo-2015 kwenzeka nokwaholela ekutheni agcine engasahlali lapho ayehlala khona kodwa wagcina esehlala ezinkanjini ezazihlala abebalekele ukuhlukunyezwa emphakathini ababehlala kuyo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya amacala amabili okubulala emuva kokutholakala kwezidumbu zabesilisa ababili beshisiwe eNkangala, e-Adams Mission. Uthe laba balisa abakaziwa kanti yima kusazokwenziwa ulibofuzo.