ABASEBENZI bezempilo asebejove ngomgomo weCovid-19, iJohnson&Johnson (J&J) kungenzeka badinge omunye umjovo ozokhuthaza lo asebejove ngawo.
Ungoti wezifo ezidalwa amagciwane , eWits University uSolwazi Shabir Madhi, uthe akumele ngabe kugxilwa ekutheni iJ&J ujova ngayo kanye ngoba kungenzeka kudingeke ukuthi abajove ngayo bathole omunye umjovo wokukhuthaza lo asebejove ngawo.
" Ngesikhathi kuhlolwa umgomo iJ&J ngaphansi kocwaningo okokuqala lo mgomo wachazwa njengomjovo osetshenziswa kane ngoba wawuhlolwa njengomgomo ozosetshenziswa uma kunezimo eziphuthumayo. Inhloso kwakungukuthi kubhekwe ukuthi ngabe umgomo ojova ngawo kanye ungasiza yini ukuvika iCovid-19. Ukuthi uyavikela akuchazi ukuthi ukuvikela kwawo kuyalingana nomgomo ojovwa ngawo kabili okusho ukuthi kungenzeka isikhathi sokuvikeleka singalingani ngenxa yokuthi omunye umgomo ujova kanye omunye kujovwe ngawo kabili," kuusho yena.
Uqhube wathi abakwaziyo njengamanje wukuthi umgomo iPfizer ojovwa kabili ukuthi ojovwe ngawo angavikeleka izinyanga eziyisithupha kanti iJ&J yahlolelwa izinsuku ezingu-60 kuya kwezingu-70.
UMadhi uqhube wathi: " Kungenzeka ukuthi bonke abajove ngeJ&J kudingeke ukuthi bajove ngomunye umgomo ozonikeza lo abajovwe ngawo amandla,"
Usho kanjena nje eNingizimu Afrika uMnyango wezeMpilo, usayine inkontileka neJ&J yokuthenga umgomo ongu-30 million, nePfizer okusayinwe ukuthi umnyango uzothenga umgomo ongu-20 million ozoqala ukufika kuleli phakathi nenyanga.
Bangu-800 abantu bakuleli okwenziwe ngabo ucwaningo olubheka ukuthi ngabe iPfizer iyasebenza yini.
UMadhi uthe kulabo bantu bayisithupha okwatholakala ukuthi banegciwane lakamuva eselizishintshile elitholakale kuleli, i501Y.V2.
" Imiphumela yakhomba ukuthi lo mgomo uyasebenza. Okusho ukuthi kungakuhle uma singathola iPfizer eyengeziwe," kusho yena.
Babalelwa ku-269 000 abasebenzi bezempilo asebegonywe ngomgomo iJ&J.