ASIKABIBIKHO isixazululo sokulwa nenkinga yokugcwala kwezindawo zokungcwaba eThekwini yize sekusele izikhala zemigodi ezingaphansi kuka-5 000.
Lokhu kuvele izolo kuvulwa ingqungquthela yesibili yePan African Cemeteries & Crematoria ehlose ukudingida izindaba ezithinta ukungcwaba nokulothishwa kwabantu. OyiNhloko yezamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku, uMnuz Thembinkosi Ngcobo, uthe yize sekukhona umhlaba ozonezela izindawo zokungcwaba, luselude ukhalo. Uthe kuzothatha isikhathi ukwenza lezi zindawo zibe sesimeni sokungcwaba.
“Kungenzeka kuthathe izinyanga eziyishumi ukulungisa izindawo ukuthi zibe sesimeni sokungcwaba. Kuningi nokunye okumele kwenziwe ukulungisa umhlaba wokungcwaba. Ukuthola umhlaba wokungcwaba kukodwa akusona isixazululo enkingeni esibhekene nayo kodwa kudingeka sibheke ezinye izindlela zokulwa nokugcwala kwezindawo zokungcwaba,” kusho uNgcobo.
Uthe namanje ayikanqotshwa impi yokuthi abantu bavume ukubheka uhlelo lokulothiswa ukugwema inkinga yokugcwala kwezindawo zokungcwaba. Uthe inhloso yengqungquthela wukufundisa umphakathi ngezinye izindlela zokungcwaba.
Yize ukulothiswa kwabantu kungenye yezindlela ezikhuthazwayo, uNgcobo uthe zimbili kuphela ezikahulumeni eThekwini. EseMobeni namanje ayikasebenzi ngenxa yezinkinga. Namanje asavaliwe amathuna aseSeventini eMlaza ngenxa yokusatshiswa kwabasebenzi bakaMasipala kodwa wathi nawo asegcwele.
UNkk Belinda Scott, iPhini leMeya yeTheku, uthe kusazomele bazivakashele izindawo ezintsha zokungcwaba ukuze bahlole isimo sazo. Akanaso isiqiniseko sokuthi zizokulungela nini ukungcwaba.
UNkk Scott uthe yize befuna ukuthola ezinye izixazululo ngokugcwala kwezindawo zokungcwala, abafuni ukushaya indiva amasiko nezinkolo zabantu.
“Yize siqhubeka nokufundisa umphakathi ngezinye izindlela zokungcwaba, siyazi ukuthi akulula ukuthi usheshe wamukele. Kumanje sinenkinga yokuthi izikhala zokungcwaba ezisele kungenzeka ziphele ekuqaleni konyaka ozayo. Ziyizisihlanu okwamanje izindawo zokungcwaba, nazo ezingenele ngoba kungcwatshwa abalinganiselwa ku-1000 ngenyanga eThekwini,” kusho uNkk Scott.
UNksz Veronica Masenya, ocwaninga ngempilo yabantu e-University of Free State, uthe abamnyama basakholelwa kakhulu emathuneni. Babona amathuna njengekhaya labangasekho, yingakho kungelula ukwamukela ezinye izindlela zokungcwaba. Uthe kuningi okuhambisana nenkolelo namasiko abakwenza emathuneni. Ingqungquthela yezinsuku ezintathu ihlelwe yiSouth African Cemeteries Association neSouth African Local Government Association.