ABAHLENGIKAZI abagomele iCovid-19 ngesikhathi kwethulwa uhlelo lokusatshalaliswa esibhedlela iMshiyeni, izolo bathi kungcono ukwenza izaba kunokulinda uze ungenwe yigciwane.
Bathi kunzima ukuhlalela ovalweni lokuthi ungayithola noma yinini iCovid-19, kungcono uma usugonyiwe.
USister Lucia Mngadi (60), osebenza emtholampilo ongaphakathi esibhedlela eMshiyeni, uthi ike yamgulisa iCovid-19 ngesisivunguvungu sokuqala.
" Ngesivunguvungu sokuqala ngagula kakhulu. Kwesesibili angizange ngigule kodwa zikhona izimpawu engangizibona ezingatheni, ngiyasola ukuthi nganginayo kodwa angihlolanga. Angisafisi ukuthi ngibuye ngigule. Ngiyakholwa ukuthi umgomo uzongivikela. Sengikhulile kanti abantu abadala yibo abagula kakhulu uma kuke kwenzeka bathola leli gciwane," kusho uSister Mngadi.
Uthe ngaphandle kokuzivikela yena, ufuna ukuvikela umndeni wakhe nabanye abantu.
USister Nomusa Ndzimbovu osebenza eMshiyeni, uthe: " Lukhona uvalo ngoba angazi ukuthi lo mgomo uzongiphatha kanjani egazini ngoba yonke imithi inokuthile ekwenzayo egazini lomuntu. Osekunginika isibindi ukuthi umengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa , uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize nabanye abahlengikazi bagomile izolo (ngoLwesibili) asikezwa kuthiwa bayagula.“
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uSihle Zikalala, uthe isibhedlela iMshiyeni sithole imigomo engu-5 040, kwathi isibhedlela Inkosi Albert Luthuli sathola imigomo engu-5 760.
Uqhube wathi uhlelo lokusatshalaliswa komgomo obelukhona kudingeke ukuthi lushintshwe kancane, lulungele umgomo ofikile ngoba mncane. Uthe izolo bekuzogonywa abasebenzi bezempilo abangu-370 eMshiyeni.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe lezi zibhedlela zikhethwe ngenxa yokuthi yizo ezinabantu abaningi abanaleli gciwane.
" Umgomo uzofika ngezikhawu, uma kukhona ofikile sizolokhu sikhetha izikhungo ezinesibalo esiphezulu kuze kwenele. Ngeshwa asikwazi ukugoma bonke abantu ngesikhathi esisodwa, njengoba sasihlelile ngoba lo mgomo ngeke ufike ube mningi. Lokho kuzosinika ithuba lokuthi sihlele ukuthi yisiphi isikhungo esizothola njalo ezinsukwini eziwu-10 ," kusho uNkk Simelane-Zulu.
UMnuz Mandla Shabangu uNobhala weDenosa KwaZulu-Natal, uthe bayalweseka uhlelo lokusabalaliswa komgomo olukhona kodwa mncane.
" Sifisa ukuthi kube nokuxhumana phakathi kukahulumeni nezinyunyana ngoba sisekomitini elihlanganisa umnyango nezinyunyana kodwa abazange basazise uma sekuzokwethulwa lolu hlelo," kusho uNobhala.
UMnuz Mlungisi Ndlovu wePublic Servants Association of South Africa (PSA), uthe lo lolu hlelo kumele ngabe kade laqalwa uma kubhekwa amanye amazwe.
"Sikholwa ukuthi iKZN yonke iyawudinga umgomo izikhungo ezimbili azenele. Sinxusa umengameli noDkt Mkhize ukuthi benze uhlelo oluzoshesha ukuze kuvikelele umphakathi ngobuningi. Uma singaqhubeka kanje kusho ukuthi kungaphela neminyaka emibili singaqedile ukugoma.