Izindaba

Kungase kushise ibunzi ngoMagashule kowe-ANC

Khethukula Sangweni|Published

LUZOBA yindaba egudwini emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC udaba lukaMnuz Ace Magashule onguNobhala -Jikelel we-ANC obhekene namcala Isithombe : SIGCINIWE

KULINDELEKE ukuthi lushubise umhlangano udaba lukaNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule, emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-ANC, ongena namuhla usongwe ngoLwesibili. UMagashule usanda kuboshwa ngecala lenkohlakalo maqondana nethenda yokushintsha uphahla lwezindlu ezakhiwe ngetsheboya eFree State, ngesikhathi esengundunankulu wakhona.

Udaba oluzobe lushisisa ibunzi, ngolokuthi uMagashule kufanele ame kancane emsebenzini njengokomyalelo we-ANC, othi ababhekane namacala kufanele bashenxe.

Okhulumela i-ANC, uMnuz Pule Mabe, uthe noma kanjani umhlangano wesigungu esiphezulu uzoba khona futhi abantu bazokwaziswa ngezinto ezehlukene ezizodingidwa kuwona.

‘’Wumhlangano wenhlangano nje ojwayelekile ozokwenziwa ngezobuchwepheshe besimanje. Kuzoxoxwa ngezindaba ezehlukene ezibhekene nezwe lethu njengamanje.

Kuzoxoxwa nangodaba lokuvuselela inhlangano yethu, kuhambisana nezinqumo zengqungquthela yaseNasrec,’’ kusho uMabe