UMNYANGO wezeMfundo kuleli unazo izinhlelo zokuthi abafundi abafisa ukungabuyeli esikoleni njengoba kuzovulwa ngesonto elizayo baqhubeke bafunde besebenzisa lezo zinhlelo.
Umqondisi-jikelele weMfundo eyisiSekelo uMnuz Mathanzima Mweli uthe abazali abesabayo ukubuyisela izingane ezikoleni bangabhalisela ukuthi zifunde emakhaya, bangazibhalisela ukuthi zifunde online noma ziqhubeke zibhaliswe esikoleni umzali noma oganda ingane ayifundise ekhaya.
UMweli ubethula umbiko phambi kwekomiti lezemfundo ePhalamende izolo echaza ngebanga eselihanjwe uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ekuzilungiseleleni ukuthi amabanga alandelayo abuyele ezikoleni.
UMnyango weMfundo eyisiSekelo uhlele ukuthi abafundi bakaGrade R, 1, 2, 3, 6 no11 babuyele ezikoleni ngoMsombuluko.
“Abazali babo kumele bakhethe ezinhlelweni ezikhona ukuthi yiziphi ezilungele izingane zabo. Izinhlelo ezikhona zivulelekile ngoba siyabona indlela iCoronavirus esabalala ngayo emiphakathini yethu. Sibuka nengcindezi ebhekene noMnyango wezeMpilo uma kungenzeka abantu abaningi badinge ukuya ezikhungweni zezempilo,” kusho yena.
Uqhube wathi uhlelo lokudla ezikoleni lungenye yezinto ezidale ukuthi kuvulwe izikole ukuze abafundi abaphuma emindenini empofu bathole ukudla.
“Ngesikhathi kuvaliwe abafundi abaphuma kule mindeni bebengakutholi ukudla. Njengamanje uhlelo lokudla lwenzelwe ukuthi nabafundi abangakabuyeli ezikoleni bakuthole ukudla. Sihlele ukuthi beze ezikoleni bazolanda amaphasela okudla,” kuchaza uMweli.
Uthe abazobe benikeza abafundi ukudla banikwe ngama-gloves, izifonyo, amaphinifa asetshenziswa kanye alahlwe futhi kuhlelwe nokuthi ukudla kuzogcinwa kanjani.
“Abafundi abafunda uGrade7 no12 ezifundazweni eziningi sebeqalile ukuthola ukudla. Abangakabuyeli ezikoleni balanda amaphasela okudla okungaphekiwe ngezinye izinsuku balande okuphekiwe kuyenzeka bakulande esikhungweni okungesona isikole. Abafundi abangakabuyeli uhlelo lokuthi badle luqale ngoJuni 22,” kuchaza uMweli.
Ubuye wacacisa ngodaba lwamathangi amanzi okuthiwa lilinye libiza uR170 000 wathi umnyango awunalo ulwazi ngamathangi abiza leyo mali wathi umnyango ukhokhele iRand Water uR200 million.
“Izithombe zamathangi akhonjiswa ezinkundleni zokuxhumana akuwona lawo umnyango owakhokhele kwiRand Water,” kusho yena.
Uthe izinkinga zokungafiki kwamanzi ezikoleni kwezinye izikhathi zidalwa ukuthi izimoto ezisuke zihambisa amanzi zimiswa umphakathi uthathe amanzi ngenkani agcine engafinyelelanga ezikoleni.
Uthe uNgqongqoshe walo mnyango uNkk Angie Motshekga udaba useludlulisele kuMengameli ukuze kuqhanyukwe nesisombululo.