OBEYISIKHULU samaphoyisa KwaZulu-Natal uVincent Mdunge ukhala ngokuboshelwa amanqina enyathi ngabanye osigaxamabhande emaphoyiseni nokuholele ekutheni abhadle ejele iminyaka emibili ngoba esolwa ngokuthi wayenesitifiketi sika-matric esiwumbombayi.
Engxoxweni neSolezwe izolo, uMdunge ophume ngoshwele ejele uthe yize ukuboshwa kwakhe kumhlukumezile kwaphinde kwamthunaza njengoba abanye abantu sebembuka njengesigebengu kodwa akekho umuntu ambambele igqubu.
“Ngazitshela ngosuku engaphuma ngalo ejele ukuthi akekho umuntu engimzondayo futhi kuyiqiniso ukuthi ngibe yimvu yomhlatshelo, into engangiyisho mina wukuthi uma nifuna uMdunge nimfuna ngezicucu zakhe zezemfundo qondani ngqo niphenye ngazo hhayi ukuthi nilokhu nikhuluma ngendaba kaMgqumeni nendaba yemoto,” kusho uMdunge.
Uthe odabeni lukaMgqumeni okwakuthiwa uvuke ekufeni yena wayedlulisa emphakathini imininingwane ayesuke enikwe yona.
UMdunge, owayengumkhulumeli wamaphoyisa eKZN, uthe isono sakhe esenze washaywa wukuthi ubeyisethenjwa sobenguKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt General Mammonye Ngobeni.
“Umuntu obeshaywa empeleni nguLt General Ngobeni ngoba kunezikhulu zamaphoyisa zesilisa ebezingamfuni zigaqele isikhundla sakhe zibona ukuthi zona zingenza kangcono kunaye ngoba zingamadoda kanti uLt Ngobeni wayewenza kahle umsebenzi wakhe njengoba akwazi ukwehlisa ubugebengu KwaZulu-Natal ngo-50%, okuyinto eyayingakaze yenzeke,” kusho uMdunge.
Uthe ngaphandle kwendaba yokusondelana noLt Ngobeni, esinye isono sakhe wumbango wesikhundla sikaColonel nomsebenzi wokuba ngumkhulumeli wamaphoyisa.
“Kunosigaxamabhande emaphoyiseni onengane nelinye iphoyisa esenza nalo inhlolokhono mayelana nomsebenzi wokukhulumela amaphoyisa, lesi sikhulu sasifuna kuqashwe unina wengane yaso kodwa lokho kwangenzeka sabe sesiyaqala singikhuluma kabi saze sabikela ihhovisi elikhulu ePitoli ukuthi mina anginawo u-matric, uwumkokotelo,” kusho uMdunge.
Uqhube wathi umbango walo msebenzi wokukhulumela amaphoyisa ugcine uholela ekutheni kuphume nesidumbu njengoba kukhona isikhulu esadliswa ushevu ngoba singavumanga ukuthi kuqashwe unina wengane kasigaxamabhande.
Uthe kodwa ukuphenywa kwakhe akuzange kuqale ngendaba yesitifiketi sika-matric kuqale ngendaba yemoto yakhe uMercedes Benz C200, ebi-maroon kodwa ishintsha umbala uma uyibuka liguqubele noma kusebusuku.
“Ngenxa yokuthi le moto ibishintsha imibala bagcine sebecabanga ukuthi nginoMercedes abathathu baqala bathi ngiyagwazelwa baze basho nomuntu ongigwazelayo, udaba lwami lwathathwa lwayiswa ngisho kuMnuz Willies Mchunu ngesikhathi esanguNgqogqoshe wezokuThutha nokuPhepha,” kusho uMdunge.
Uthe uke walethelwa ngisho iphoyisa mbumbulu uBrigadier Musa/Mzi Khumalo waseZimbabwe kuthiwa uvela ekoMkhulu lamaphoyisa kuthiwa akazomphenya wafike wabhibhidla uma emhlohla imibuzo wamtshela ukuthi akabone afike ngayo.
“Ngemuva kokuthi ngimxoshile uKhumalo, ngabizelwa emhlanganweni kwathiwa angiziphathanga kahle ngangasihlonipha isikhulu samaphoyisa esivela ePitoli, kwathiwa kumele ngithathelwe izinyathelo, lowo Khumalo sigcine sesiphenya sathola ukuthi yisigebengu esidala okuthe uma sesimbophile wavalelwa esiteshini eGoli kwathiwa uzibulele ejele ngokuzilengisa okuyinto engekho, uKhumalo kwathiwa ufile ngoba kuvikelwa izikhulu zamaphoyisa ebezimsebenzisa,” kusho uMdunge.
Uthe noma kuthiwa ubengenawo u-matric kodwa ngesikhathi angena ngaso emaphoyiseni wawungafuneki.
“Mina ngingene embuthweni ngo-1987, njengeStudent Constable u-matric wawungafuneki kodwa noma kunjalo ziningi izikhulu zamaphoyisa ebezingenawo * -matric kodwa ezacelwa ukuthi zisule isinyelela zona zangaboshwa njengami,” kusho uMdunge.
Uqhube wathi yena une-Diploma yamaphoyisa yeminyaka emithathu, esephothule unyaka wayo wesibili wanikwa isitifiketi esilinganiswa nesika-matric.
Uthe u-matric ugcine esewenzile ngesikhathi eboshiwe ejele wawuphasa.
UMdunge uthe ukuphuma emaphoyiseni kufana nesibusiso kuyena ngoba kumvule amehlo njengoba manje esegxile ebhizinisini futhi enza imali eningi angakaze ayinuke eseyiphoyisa.
“Manje nginendawo yokungcebeleka eMolweni ekwaziyo ukungiphilisa nomndeni wami ngiphinde ngibe nenkampani yonogada nayo eyenza kahle,” kusho uMdunge.
Uthe umndeni wakhe umeseke kwaze kwaba sekugcineni kubalwa nesizwe saseMadungeni.