OWAYEYISIKHULU esiphezulu kwaSABC uMnuz Hlaudi Motsoeneng useveze ukuthi waphumela obala esafika kule nkampani kahulumeni ukuthi wayenganaso isitifiketi sikaGrade 12 (matric). UHlaudi uveze lokhu ngesikhathi efakaza kwikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana ngoLwesibili.
Usole owayenguMvikeli woMphakathi uSolwazi Thuli Madonsela ngokumdelela nokusabalalalisa amanga ngaye okuthi waqamba amanga wathi unaso isitifiketi sikamatric.
“Ngasho ngisafika ukuthi anginawo umatric. Ngalandwa u-Alwyn Kloppers ngo-1989, ngaleso sikhathi owayeyinhloko yezindaba eSABC. Ngamazisa ukuthi anginawo umatric, wathi nginekhono elikhulu. Ngaphambi kokuthi ngijoyine iSABC ngo-1995, bangifaka kolunye uhlelo lokufunda ngezokusakaza. ISABC iyibaqeqeshi abantu abangaqashiwe ngokuphelele, akwenzeki, kwakuqala ngami,” usho kanje.
UHlaudi uveze ukuthi wazama ukubhala umatric kodwa kwangalunga futhi. Uthe ukuqeqeshwa amasonto amabili kwaholela ekutheni aqashwe ngokuphelele ngoFebruwari ngo-1995.
“Kunenqwaba yabantu abasebenza eSABC abangenazo izitifiketi zikamatric. Umlando weSABC ukhomba ukuthi abantu abaphumelele kuyo abanazo iziqu ezidingekayo...kodwa banekhono. Uma ubheka amaminithi emihlangano yeSABC, u-70% wezinqumo ezathathwa zathathwa ngenxa yami. Akekho owayengcono kunami eSABC...ngifundise ngisho emanyuvesi...ubani othi angifundile? Ukungidelela lokho,” kuchaza uHlaudi.
UMadonsela waphenya ngokuqashwa kukaHlaudi kulandela imibuzo ngeziqu anazo kwezemfundo ngokunjalo nomholo wakhe owawulokhe ukhuphuka njalo. Umbiko kaMadonsela, owashicilelwa ngo-2014, wathola ukuthi uMotsoeneng wayevunyelwa ukuthi asebenze ngaphandle kokulandela imigomo nemithetho yeSABC.
UMadonsela waveza ukuthi uMotsoeneng waqamba amanga ngesikhathi ebhalisela umsebenzi eSABC ethi waphothula waphasa umatric eMetsimantsho High School, eQwaqwa.