UYATHUTHUMELA unina (19) wengane enezinyanga ezingu-10, egwazwe amanxeba amathathu ethangeni ngabesilisa abathathu abangaziwa, eMahlabathini, eVerulam, ngeSonto ntambama.
Lesi sehlo kuthiwa sicasule amalungu omphakathi azame ukubamba abahlaseli kodwa badla phansi.
Unina wengane, uNksz Slindile Maphumulo, uthe ushiye kubo engavalile waya kubo kamngani wakhe, eyobukela ithelevishini.
Uthe umuzi wakubo, ongamagumbi amabili norawondi owakhiwe eceleni, uhlukaniswe yimizi emibili nakubo kamngani wakhe.
Uqhube wathi ubuye kubo ethi uzogqokisa ingane ijezi bese ephaka ukudla kanti uzofica abesilisa abathathu sebengaphakathi endlini.
“Ngingene endlini ngadlulela ekamelweni lokulala ngafica abalisa abathathu. Bekumnyama okuthe uma ngingena oyedwa wabo waya egunjini lokuphumula, oyedwa wama ekhoneni lekamelo ebesikulona. Lona omunye uvele wadonsa ummese wangasho lutho wagwaza ingane amanxeba amathathu ethangeni,” kuchaza unina wengane.
Uthe ingane igwazwe eyiphethe wavele wamemeza, ehlaba umkhosi komakhelwane. Emva kwalokho, abahlaseli baphume endlini babaleka.
Uveze ukuthi umakhelwane oyedwa ubize abosizo lokuqala abafike bahlola ingane base beyiphuthumisa esibhedlela oSindisweni, lapho efike yathungwa khona ethangeni lakwesobunxele.
Lona wesifazane uchaze abesilisa abahlasele kubo wathi baneminyaka ebalelwa ko-23, futhi bese bebuya isibili.
Udalule ukuthi ngo-Okthoba wangonyaka odlule, abahlaseli bangena kubo babamba ingane yakhe ngomlenze bayibhekisa phansi ngekhanda, bayikhomba ngesibhamu, bathatha imali eyayisembhedeni.
Kuthiwa unina wekhaya uhlala ngasematohweni, akamningi ekhaya. Ekhaya kuhlala uNksz Maphumulo, ingane yakhe, nabafowabo ababili abaneminyaka engu-17 no-13, abebengekho ehlaselwa.
Uthe akukho muntu aseke wamnyathela amakhona noma angazwani naye endaweni kodwa uyasola ukuthi abangene kubo bakwenze lokhu ngoba bebazi ukuthi akukho muntu omdala abahlala naye.
Uthe akakalivuli icala emaphoyiseni, kumanje usabela impilo yakhe ngalesi senzo esivusele nonina umfutho wegazi ophezulu, wabuyisa emsebenzini ngokushesha ngenkathi ezwa ngaso.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa), uMnuz Prem Balram, uthe abahlaseli bacingwe bangatholwa wumphakathi obuthukuthele.
Uthe bafike endaweni ngabo-7 ebusuku, baxilonga ingane base beyiphuthumisa esibhedlela.Ikhansela lendawo, uMnuz Fakazi Mdletshe, lithe bakhathazekile futhi bashaqekile bewumphakathi ngalesi sehlo.
Uthe isimo simuncu emphakathini.
“Kunezehlo zobugebengu obudlangile emphakathini. Isimo iya ngokuphuma esandleni ngenxa yobugebengu obenzeka buphindelela. Sikhathazekile uma kunabantu abenza into enjena emphakathini wethu,” kusho uMdletshe.
Uthe kwenzeka lesi sehlo nje, ubekade ehlanganise abefundisi kunomkhuleko ngesonto eledlule ngenxa yokwanda kwezehlakalo zobugebengu endaweni.