ANDIZE ezinkundleni zokuxhumana amagama osaziwayo nabaculi abadumile baseThekwini abasolwa ngokudlwengula abesifazane abehlukene.
Lokhu kulandela ukudlwengulwa kuphinde kubulawe ngesihluku isitshudeni saseNyuvesi yaseKapa, * -Uyinene Mrwetyana.
Ukubulawa kwakhe kuholele ekutheni kube khona abavula amakhasi ehlukene enkundleni yokuxhumana iTwitter nalapho abesifazane bebefaka abantu besilisa abathi babahlukumeza.
Ekhasini iDBN Survivors ne-Am I Next? kunamekwe ubuso babaculi nosaziwayo nabahleli bemicimbi.
Abesifazane bebekhala ngokuthi abenza lokhu benza izinto ezehlukene kubona behlangana nabo ezindaweni ezehlukene.
Kukhona owesifazane othe wayenomunye umculi endaweni yobumnandi nalapho athatha khona isikhwama sakhe.
Uveze ukuthi ngesikhathi esesifuna wamtshela ukuthi unesibhamu ngakho angalinge amphoqe ukuthi asisebenzise.
Uveze ukuthi wayesezimisele ngokuhamba engasiphethe isikhwama kodwa umculi wamlandela wamfaka emotweni yakhe.
Uveze ukuthi waya naye emzini wakhe oseThekwini lapho afike wamtshela ukuthi ufuna ukulala naye.
Uthe walwa naye imizuzu engaphezu kuka-20 kodwa ngenxa yokondleka kwakhe wagcina emdlwengulile.
Omunye uthe wadlwengulwa wumculi weqembu lekwaito ngo-2015.
Uthe endlini yomculi kunesicabha esingavuleki uma bengaphakathi ekamelweni.
Uthe wayekhala ngesikhathi kwenzeka lokhu futhi namanje usamkhumbula lo mculi equma phezu kwakhe emdlwengula.
Uqhube wathi akakwazanga ukuyovula icala ngoba umculi wasebenzisa ikhondomu.
Owesifazane uthe lo mculi lokhu usekwenze emantombazaneni amaningi.
Omunye umhleli wemicimbi naye igama lakhe belindiza phezulu kuvela inqwaba yabesifazane abathe wake wabadlwengula.
Kuvele ukuthi wenza lo mkhuba kwabesifazane abasuke becwile ezinkambeni zikaFaro.
Ekhasini elithi Am I Next? kukhona abesifazane abaveze ukuthi badlwengulwa womrepha.
Kwenzeka lokhu nje ngesonto eledlule intokazi ewumxhumanisi wabezindaba nabaculi, uBonnie Meslane, iveze ukuthi yadlwengulwa yimenenja yosaziwayo
okukhona kubo uDJ Zinhle,
Boity, Black Coffee noNomalanga Shozi.
Lokhu kwathusa iningi kodwa kulabo saziwayo akekho owaphawula ngalokhu.
UDJ Tira izolo uthe usebhale
ingoma ngesihlava sokubulawa kwabesifazane.
Uthe njengabantu besilisa kumele bakhombise
njalo ukuthi abesifazane babalulekile futhi nohulumeni kube khona akwenzayo ngalokhu.