KUMUKE oyedwa, omunye waleleswa yizulu, kwawa izindlu kwalimala impahla ngesikhathi kuhlasele imvula enamandla KwaZulu-Natal ngoLwesithathu.
kukhalwa izimvula ezinamandla ezine KwaZulu-Natal ngoLwesithathu njengoba kukhona omuke nomfula omunye washaywa umbani, kwacekeleka phansi izindlu nempahla.
Owesifazane (22) uhambe nomfula uMlaza obudla izindwane ngesikhathi eshibilika ase amanzi amthatha kade ezama ukuwela.
Abewela nabo ababili kuthiwa bazamile ukumhlenga ngokuthi bambambe bamdonse kodwa bagcina bemdedelile sebebona ukuthi bangase bayothenga ilala nabo.
Ikhansela lakwa-F eMlaza, uMnuz Sithenjwa Nyawose, libize amaphoyisa nethimba labatakuli ukuba bazothungatha owesifazane. Leli thimba libuyile izolo emini lizothungatha.
UNyawose uxwayise abantu ngengozi yokuwela nokubhukuda emfuleni uMlaza okhipha izidumbu zabantu abathathu kuya kwabane minyaka yonke.
“Umasipala (weTheku) awusakhele amabhuloho azowela abantu. Minyaka yonke bayamuka uma bezama ukuwela ngezinyawo. Abantu abangaweli noma babhukude kulo mfula uyingozi,” kusho uNyawose.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe ngoLwesithathu ebusuku ithimba lamaphoyisa angabatshuzi leSAPS, elakaMasipala weTheku, nophiko lwezinja kwaSAPS libizelwe eMlaza esehlakalweni sokuminza komuntu.
UCol Mbele uthe kusolakala ukuthi owesifazane ubezama ukuwela umfula endaweni iMoscow eMlaza kwa-F kanti uzomuka.
“Bahlengwe amalungu omphakathi abantu ababili abebehamba naye. Ukuthungathwa kwakhe kumisiwe ngenxa yezulu elibi nokuthi bese kumnyama,” kusho uCol Mbele.
Kwesinye isiga esenzeke ngoLwesithathu eBhudlu, kuMasipala uMuziwabantu, uphuthunyiswe esibhedlela umfana (10) oshaywe wumbani.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zobuHoli boMdabu, uMnuz Sipho Hlomuka, uthe amathimba abo abhekelele izinhlekelele aseqalile umsebenzi wokukhuculula ngenxa yemvula enamandla ebiyidliva ngoLwesithathu yadala omkhulu umonakalo.
UHlomuka uthe bebekade bebikelwe yizangoma zezulu kwaSouth African Weather Service ngezulu elibi KwaZulu-Natal.
Bebetsheliwe ukuthi kuzoba nesichotho, isiphepho nemvula enamandla ehambisana nomoya ikakhulukazi eMsunduzi nasezindaweni ezimaphakathi nesifundazwe.
Ucele abantu ukuthi bahlale beqaphile imvula enamandla, isichotho nombani futhi bagweme ukukhosela ngaphansi kwezihlahla nangaphansi kwezizintambo zikagesi.