ISHIYE kukhalwa eMandeni imvula ena umlibe KwaZulu-Natal kumuka abafundi abathathu, izolo. ONontethelelo Mcanyana (18), Sinikiwe Mpanza (17) noZenande Gumede (14) bamuke bewela umfula iMatimofu besendleleni ebheke esikoleni iNdlongolane High esiseMlalazo.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ucele abantu ukuthi bahlale beqaphile ikakhulukazi ezifundeni iKing Cetshwayo, uMkhanyakude naseZululand lapho imvula idala izikhukhula khona.
“Izidumbu zabafundi abamukile sezitakuliwe, siyazwelana kakhulu nemindeni yabo futhi sizoyiseka ngakho konke ekudingayo. Sicela abantu bagweme ukuwela amabhuloho nemifula njengoba imvula ilokhu inile,” kusho uNkk Dube.
Izolo imizi eminingi KwaSithebe, eMandeni, ibivele ngophahla igcwele amanzi ngaphakathi nasemagcekeni.
UMnuz Mduduzi Manzi ophethe ezokuxhumana kuMasipala waseMandeni uthe babonga ukuthi akekho olimele ngenxa yemvula kodwa yimizi kuphela ebicwile emanzini.
“Amakhansela ethu namathimba ezinhlekelele asahlola umonakalo owenzekile kodwa sibonga ukuthi akekho olahlekelwe wumphefumulo ngenxa yale mvula. Ayikho imibiko yabalimele esiyitholile, bekuseyimizi kuphela,” kusho uManzi.
Uthe imigwaqo eminingi ibivaliwe kanti imvula ibithikameza nabalimi njengoba amapulazi abegcwele amanzi.
UManzi ugqugquzele abantu ukuthi bahlale beqaphile baphuthume ezikhungweni eziphephile uma bebona imvula ingenisa emizini yabo.
Uthe umuzi ovele ku-facebook ngophahla yisakhiwo seBed & Breakfast ethuthukiswa usomabhizinisi wendawo nakhona akekho olimele.
Isangoma sezulu, uMnuz Aslam Sardiwala, sithe imvula enamandla izokwehla namhlanje eMkhanyakude, King Cetshwayo naseZululand njengoba belindele * -30% wamathuba emvula kodwa abantu kufanele bahlale beqaphile.
Uthe balindele ukuthi kusasa imvula yehle bese ngempelasonto isimo sezulu siba sihle.