IZOBUYELA enkantolo ngo-Ephreli 30 inkakha yombhali wemidlalo yasesiteji, uWelcome Msomi(76) obhekene namacala angu-61 okweba imali yamaciko asekhulile enguR8 million.
UWelcome waboshwa amaphoyisa ophiko loKlebe ngenyanga edlule nokwathi evele enkantolo kaMantshi yasePalm Rigde, eGoli wanqatshelwa ibheyili.
NangoLwesine kuphinde sona leso njengoba imantshi imqabelile ibheyili ngenxa yokungaqinisekiswa kwekheli le ndawo ahlala kuyona.
Emaphepheni asenkantolo kuvele ukuthi uWelcome ubeke athumele imali engango R40 kuya R350 000 ku-akhawunti yakhe isuka kulesi sikhwama.
Lesi sikhwama sasungulwa uMnyango wamaSiko namaCiko kuzwelonke, ukuze kusizakale amaciko amadala azothekela ulwazi analo ukusiza intsha efuna ukulingisa, ukucula nokuba ababhali bemidlalo.
Ngokombuso uWelcome, wayengomunye kwabathathu ababesayina kulesi sikhwama, nokwagcina ngokuthi azithathele le mali.
Kuvela ukuthi waqala ukuyithatha kusuka ngoSepthemba wangonyaka odlule kwaze kwaba u-Okthoba 24.
Umphenyi wecala uConstable Nokuhle Sibiya, utshele inkantolo ukuthi uthole amakheli amane uWelcome athinteka kuwona.
Eyokuqala evelile eyomuzi oseLovu nala uWelcome kuvele ukuthi ngesikhathi kusaqhubeka uphenyo ubehleli khona, owesibili owendodana yakhe uSibusiso ehlala eSunning- hill, omunye owesihlobo sakhe oseTurffontein kanti owokugcina okusolwa ukuthi owakhe uMsomi oseMlaza.
Umphenyi uphinde wavezela inkantolo ukuthi uMsomi waphazamisa ukuboshwa kwakhe njengoba abaleka emzini wakhe oseLovu, ngemuva kokuzwa ukuthi amaphoyisa ayamfuna.
Uphinde waveza ukuthi umphenyi oseThekwini waveza ukuthi uMsomi wasebenzisa igama okungelona elakhe ngesikhathi ehlala emahhotela ahlukene eThekwini.
Ukukhishwa kwesithombe sakhe umphenyi uveze ukuthi yikhona okwaholela ekutheni aboshwe.
Esitatimendeni sikaMsomi esifundwe enkantolo konke lokhu ukuphikile, njengoba ethe emahhotela wayesebenzisa igama lakhe, namakhadi akhe anegama lakhe.
Uphinde waveza ukuthi inkantolo kumele imnike ibheyili njengoba kukhona imidlalo ayenzayo eMelika enemali ebalelwa kuR25m kanti ekuleli yeza uR100 000 nazimisele ukuyinikhokha ukuze aphume ngebheyili.