KUMSHUBELE umlimi waseDumbe, KwaZulu-Natal, osolwa ngokubulala izimbuzi zomphakathi ngoshevu wamagundane, izakhamizi azifuni nokuyizwa indaba yesethembiso sakhe sokuzinika ingxenye yomhlaba wakhe. Zithi usezihlukumeze kakhulu.
Umphakathi waseNkonkotha umile ekutheni ufuna uMnuz Jacques Odendaal akhokhe izimbuzi zawo kuqala, ngaphambi kokuba abatshele ngezethembiso zokubapha umhlaba wokulima.
UMnuz Mfana Zwane, oyingxenye yabafelwe izimbuzi okuhlanganisa nezikadadewabo ezingaphezulu kuka-40, uthe sebekhathele ukuthenjiswa umhlaba * -Odendaal kodwa bona bafuna izimbuzi zabo.
Amanye amalungu omphakathi awafuni nokuba asondele endaweni yawo ngoba athi afuna izimbuzi zawo kuqala azikhokhe.
“Kade aqala ukusithembisa ukuthi uzosinikeza ingxenye yomhlaba osepulazini lakhe.
Kodwa kuze kube manje akakaze akwenze. Empeleni ungumuntu onamanga, yingakho singayingeni indaba yakhe yezethembiso kodwa sifuna izimbuzi zethu. Okusicasulayo ukukhuluma ngokusipha umhlaba ekubeni ngesikhathi efika kuleli pulazi eminyakeni eminingi edlule, wagugula amathuna ethu, sasala nezinhliziyo ezibuhlungu. Kade ayesihlukumeza. Nakhu manje usebulala izimbuzi zethu. Ngikhuluma nawe nje sihlela imashi enkulu yokulwa naye ngoba sizifuna la izimbuzi zethu. Ngikhuluma nawe nje namanje umatasa ufaka lo muthi wakhe kwezinye izingxenye zepulazi,” kusho uZwane.
U-Odendaal uthe uyazisola ngokwenzeka eminyakeni edlule futhi wayeseyingane, ngakho lokhu akushoyo ukuthi uzozikhokha izimbuzi uqinisile futhi unohlelo lokubanikeza umhlaba ongamaphesenti angu-60 aphezu kwalo.
“Yebo, ngiyakuvuma konke abangisola ngakho ngakwenza. Ngawagugula amathuna nokunye kodwa ngangiseyingane. Ngikhule ngokwanele manje ngineminyaka engu-50 ubudala ngakho sengiyawabona amaphutha ami futhi ngiyafisa ukuwalungisa. Umhlaba ngizobanikeza futhi ngifuna nohulumeni abone ukuthi ngiyalweseka uhlelo lokunikezelwa kwabamnyama umhlaba. Mina ngifuna kube uhlelo oluyimpumelelo ngoba ngizobafundisa kwezolimo, ukuze sihlomule sonke ngenzuzo nabo bakwazi ukuzenzela imikhiqizo,” kusho * -Odendaal.
Uthe okubi ukuthi kukhona amalungu omphakathi aseqamba amanga athi nawo afelwe izimbuzi kodwa uma ethi abazikhombe lapho zikhona ukuze akwazi ukuhlanganisa izindleko, awafuni.
Uthe uzamile ukuxhumana neMeya, uMnuz Majuba Mavuso kodwa kwaba ukuthi imatasa ukuze akwazi ukuba asizakale ahlangane nomphakathi.
Uvumile ukuthi nayizolo ubeqhubeka efaka ubuthi epulazini lakhe obuvunywe isigaba-36 kuMthethosisekelo okubulawa ngabo amagundane adla umbila emasimini.
Amaphoyisa noMnyango wezoLimo bagcine bethe basaphenywa ukuthi ngabe izimbuzi ezifile zibulawe ubuthi buka-Odendaal ngempela yini.