BUTHEMBISA ukubambisana namaphoyisa ophenyweni ngonesi osolwa ngokunukubeza isiguli, ubuholi basesibhedlela esizimele eThekwini.
Isibhedlela esiseSiphingo simise emsebenzini unesi wesilisa osolwa ngokupotoza isiguli ngesonto eledlule, osevulelwe necala emaphoyiseni. Unesi oneminyaka engu-32, kusolwa ukuthi ugile owesifazane oneminyaka engu-22 obezohlolwa esibhedlela ngoLwesibili olwedlule.
Oyimenenja esibhedlela uMnuz Dharmendra Parekh, uthe nabo banophenyo lwangaphakathi emuva kokubikelwa ngesigameko. Uthe kabahambisani nokunukubezwa noma ukuhlukunyezwa kweziguli, yingakho bezimisele ngokusebenzisana namaphoyisa ophenyweni.
“Sabikelwa ngoLwesithathu olwedlule ngalezi zinsolo, saqala ngokushesha uphenyo lwangaphakathi. Sabuye sahlangana nobuholi besibhedlela nomndeni wesiguli ngoLwesine olwedlule, ukuthola kahle okwenzekile,” kuchaza Parekh.
Uthe bayazi ukuthi udaba selubikiwe nasemaphoyiseni nawo ayaphenya.
“Izinsolo asizithathi kancane, yingakho emiswe ngokushesha unesi osolwayo ukuze kuphothulwe kahle uphenyo lwangaphakathi. Sizimisele futhi nangokusizana namaphoyisa kulolu daba uma nawo efuna eminye imininingwane ngophenyo,” kuchaza uParekh.
Ngokwemibiko yephephandaba eliphuma nsuku zonke, kuthiwa lo wesifazane waya esibhedlela ekuseni eyohlolwa ngoba kumele ayoqala umsebenzi phesheya. Kusolwa ukuthi unesi wamvalela egunjini lokuhlola, wamehlisa ubhodisi wampotoza amabele. Kuthiwa unesi ubekhala nangokuthi umfutho wegazi wesiguli uphezulu kakhulu. Kuvela ukuthi wabuye wacisha ilambu egunjini maqede wazikhuhla ngesitho sangasese emzimbeni walo wesifazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe babikelwa ngalesi sigameko ngezithuba zabo 6 ntambama ngoLwesibili olwedlule.
“Owesifazane ubike ukuthi wanukubezwa ngokocansi esibhedlela, kwaboshwa umsolwa oneminyaka engu-32. Uvele eNkantolo yeMantshi eMlazi ngoLwesihlanu,” kusho uCaptain Gwala.
Ayitholakalanga imiphumela yasenkantolo kodwa ngokwemibiko yeminye imithombo yezindaba, umsolwa kuthiwa bekumele abuyele kuleli sonto.
Ngesikhathi sokuloba uMnuz Sibonelo Cele onguSihlalo wenyunyana yabasebenzi bezempilo esifundazweni iDenosa, uthe bebengakayitholi imininingwane ngalolu daba. Uthe basaxhumana nabanye ozakwabo ukuthola kahle ngalezi zinsolo.