UMNYANGO weziNdaba zaseKhaya usumise ukufakwa kwezicelo zokushaya omazisi nezincwadi zomshado njengoba uzama ukunciphisa isibalo sabantu abahambela izikhungo zomnyango.
UNgqongqoshe womnyango uDkt Aaron Motsoaledi, umemezele ukuthi umnyango uzomisa ukufakwa kwezicelo zomazisi nezincwadi zomshado kuze kube uFebhuwari 15, njengoba ekhala ngokungalandelwa kwemithetho yokulwa nobhubhane yilabo abasuke bebambe imigqa ngaphandle kwezikhungo zomnyango.
Kuzovunyelwa abafundi baka-matric kuphela ukufaka izicelo zomazisi kanti ukufakwa kwezitifiketi zokushona kusavumelekile.
Ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo uMotsoaledi, uthe lesinqumo sithathwe ngenxa yokwesaba ukuthi igciwane lingagcina lisabalala kakhulu ezikhungweni zomnyango uma kungancishiswa isibalo sabantu abazihambelayo.
“Imithetho ayilandelwa emigqeni ebakhona ngaphandle kwezikhungo. Abantu abazifaki izifonyo. Nakuba kunemidwebo ekhona eyalela abantu ukuthi baqhelelane, abantu bavele bayishaye indiva basondelane.”
UMotsoaledi uthe sikhula ngamandla isibalo sabasebenzi bomnyango abahaqwa yigciwane.
UMotsoaledi uveze ukuthi selokhu kuqale lo nyaka bangu-116 abasebenzi bomnyango asebetholakele ukuthi bahaqwe ilolu bhubhane, kwashona abayisikhombisa.
“Ngaso sonke isikhathi uma kunomsebenzi otholakala ukuthi utheleleke ngegciwane, kuyaye kuphoqe ukuthi kuvalwe izikhungo ukuze kukhucululwe. Kuyaye kuphoqe nokuthi sifune bonke abantu abasuke besondelane naloyo msebenzi.
“Selokhu kwaqala uthaqa, kuye kwaphoqa ukuthi kuvalwe izikhungo ezingu-266 kwezingu-412. Ezinye zazo kwaphoqa ukuthi zivalwe izikhawu eziningi.”
Njengoba kulindeleke ukuthi zikhule izicelo zabazofaka izicelo zezitifiketi zokushona, kwandiswe amahora okufaka lezicelo njengoba sekuzovalwa ngo-7 ebusuku.
UMotsoaledi uthe ezinsukwini ezimbili umnyango uthola izicelo ezingaphezu kuka-10 000 zezitifiketi zokushona.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uthe bayalele amabhange ukuthi abe nezibulali magciwane uma abantu beyokhipha imali emishinini.
“Sithole imibiko yokuthi abantu babamba imigqa emide beyokhipha imali kepha azikho izbulali magciwane. Lokhu kuyingozi njengoba bebaningi abantu abangatheleleka ngegciwane uma umshini usetshenziswa umuntu osenalo. Amabhange kufanele adlale indima yawo, enze isiqiniseko sokuthi abantu bayaphepha.”