Izindaba

Kumisiwe ukufunda eDUT kusongelwa othisha

SILINDILE NTOMBELA NO-MCEBO MPUNGOSE|Published

ABAFUNDI baseDUT abagwale umgwaqo ngoMsombuluko bebhikisha befuna bathathelwe izinyathelo onogada ababulala uMlungisi Madonsela ngesikhathi bebhikisha. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA) ABAFUNDI baseDUT abagwale umgwaqo ngoMsombuluko bebhikisha befuna bathathelwe izinyathelo onogada ababulala uMlungisi Madonsela ngesikhathi bebhikisha. Isithombe: Doctor Ngcobo/African News Agency(ANA)

KUMISIWE ukufuna eDurban University of Technology (DUT) kulandela imibhikisho yabafundi ezikhungweni zabo ngoMsombuluko. Umphathi waseDUT uSolwazi Thandwa Mthembu ukhiphe isitatimende ngoMsombuluko ebusuku ememezela ukuthi kuzomiswa ukufunda kulesi sikhungo kuze kube kuxazululwa izikhalo zabafundi. Uveze ukuthi othisha bathole izinsongo zokulinyazwa nokubaphoqile ukuthi bavale.

“Sikuthathela phezulu ukusatshiswa ngamanye amalungu omkhandlu wezitshudeni, ikakhulukazi ngemuva kodlame esilubonile emasontweni amabili edlule ngokunjalo nezimo ezibhekene namanye amaNyuvesi namuhla (izolo),” kusho uMthembu.

Uthe ukufunda kuzoqhubeka njengenjwayelo ezikhungweni zabo eziseMgungungodlovu.

Kume nse ukufunda eDUT izolo izitshudeni zimashela eCity Hall ukuyodlulisa uhla lwezikhalo ezibhekiswe nakwiNational Prosecuting Authority (NPA). Ngesonto eledlule le nyuvesi imemezele ukuthi ukufunda kuzoqala izolo ngemuva kokuvalwa kwayo kulandela ukudutshulwa kubulawe uMlungisi Madonsela obengumfundi khona.

AMAPHOYISA ngesikhathi ehlela ukumelana nabafundi baseDUT abebebhikisha izolo. Isithombe: African News Agency (ANA)

Umkhandlu wezitshudeni uthi ufuna kuboshwe ababulali bakaMadonsela, kuxoshwe nenkampani yonogada.

Owengamele umkhandlu wezitshudeni, uSesiyanda Godlimpi, uthe: “Asizizwa siphephile siyizitshudeni ngoba noma sizihambela siyiqoqo onogada bavele bafune ukusihlakaza, ngakho sifuna bakhishwe.”

Ngaphandle kweDUT, abaphathi beMangosuthi University of Technology (MUT) eMlaza bathwale kanzima kubhikisha izitshudeni zikhala ngokunyuka kwemali yokubhalisa, eyokufunda neyokuhlala. Kulo mbhikisho kuboshwe izitshudeni eziyisishiyagalolunye okulindeleke ukuthi zivele enkantolo ngoLwesibili.

KUBE ncane indawo ngoMsombuluko kubhikisha abafundi baseMangosuthi University of Technology bezwakalisa izikhalo zabo. Isithombe: Doctor Ngcobo African News Agency (ANA)

Enyuvesi yaseZululand, oNgoye, kushiswe imoto yesikhungo kwathi enyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) kwashiswa imibhede endaweni okuhlala kuyo izitshudeni ngeSonto ebusuku eThekwini.