KUMISIWE ukubhukuda emabhishi aseThekwini nakuma-swimming pool ngenxa yokudlanga kwegciwane iCorona.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ithe ikubone kufanele ukuthi imise ukubhukuda emabhishi nakuma-swimming pool emuva komyalelo kaMengameli Cyril Ramaphosa wokuthi akufanele kugcwale abantu abangaphezu
kuka-100 endaweni eyodwa.
Kuyaziwa ukuthi amabhishi nakuma-swimming pool bakamasipala kugcwala kakhulu ngesikhathi samaholidi.
UKaunda uthe kuzoba namaphoyisa azoqapha ukuthi abekho ababhukudayo.
Kuzobe kukhona izinhlambi eziqinisekisa ukuthi abantu baphephile yize engekho ovumelekile ukungena emanzini.
UMnuz Mluleki Mntungwa, okhulumela imeya, uthe akuvaliwe ukuya ebhishi kodwa kuvalwe ukubhukuda.
Isibalo sabaya olwandle sizoqashwa ukuqinisekisa ukuthi abantu abeqi esibalweni esibekiwe.
Izovalwa yonke imitapo yolwazi kaMasipala weTheku kube khona abasebenzi kuphela.
Abenza imicimbi emahholo kamasipala badonswe ngendlebe ukuthi baqikelele ukuthi isibalo sabantu aseqi ku-100.
Uma isibalo seqa ku-100 imicimbi yabo izohoxiswa. Uma kunemingcwabo emathuneni kuyalulekwa ukuthi kuye umndeni kuphela noma abantu abawu-50 abazokhalisana nawo.
Kugqugquzele abahambela emathuneni ukuthi bangahlali isikhathi eside ngoba umndeni nomndeni uzonikwa isikhathi sawo.
Izigcinamagugu zikamasipala zizovalwa.
IDurban Art Gallery izovulwa kodwa abantu kufanele bangadluli ku-50.
Izingane zesikole zizobhukhelwa uma sekuphele amaholidi ePhasika.
Umncintiswano kaMasipala weTheku ovumbulula ithalende labacula umculo wokholo Gospel Iconic Discovery Competition uzomiswa bese kwenziwa isimemezelo emuva kwamaholidi ePhasika.
Amapaki azoqashwa ukuqinisekisa ukuthi akubikhona imishado neminye imicimbi.
Khonamanjalo, uMasipala waseMhlathuze nawo uthe kuvaliwe ukubhukuda emabhishi nakuma-swiming pool.
Abanemicimbi emahholo
baceliwe ukuthi baqaphe inhlanzeko baqiniseke nokuthi isibalo sabantu aseqi ku-100.
Kugqugquzelwe abantu ukuthi bakhokhe online baye ezikhungweni zikamasipala uma kunesidingo.
UMnuz Charles Preece, obhekelele ukusebenza kweFederated Hospitality Association of Southern Africa (Fedhasa) KwaZulu-Natal, uthe iCoronavirus inomthelela omubi kwezokuvakasha ngoba amahhotela awagcwele njengokujwayelekile.
“Okwamanje angikwazi ukukunika isibalo sabantu abasemahhotela kodwa uma sekusondela iPhasika asuke ebhukhwe kakhulu.
“Kulokhu amalungu ethu athi athola imithonseyana yabantu. Lokhu kuzoba nomthelela omubi ngoba abasebenzi bazoshayeka,” kusho uPreece.
Uthe okwamanje abanalo uhlelo lokubhekelela imboni yabo njengoba kuqubuke iCoronavirus kodwa izoshaya abasebenzi ngoba uma kunesimo esinjena abantu baye bazame ukonga izindleko ngokumisa abasebenzi.