Nontuthuko Ngubane
UMPHAKATHI nomndeni usale umangele ngokushona kwezangoma nethwasa, kade ligezwa emfuleni eZimbokodweni, ngaseFolweni, eThekwini.
UNksz Qhamukile Molefe (65), Mnuz Vulindlela Radebe (62) noNksz Nonsikelelo Mbili (24), baminze ngoMgqibelo.
Ngokuthola kweSolezwe, uNksz Mbili ubeyogezwa njengoba eyithwasa. Kuthiwa ubegezwa wuNksz Molefe, ngesikhathi beminza, isoka lakhe nalo eliyisangoma lizamile ukubahlenga nalo laminza.
Indodana kaMnuz Radebe, uMnuz Ayanda Vilakazi, ekhuluma neSolezwe izolo, uthe bamangele ngento evelele uyise nabehamba nabo.
“Ubaba nomama azwana naye nethwasa baminzile ngoMgqibelo. Sithole ukuthi bebeyogeza ithwasa ibomvu. Kungene umama nethwasa, baminza. Ubaba ungene ethi uyabasiza. Bavele bacwila bonke. Ubaba naye ubeyisangoma,” kusho uVilakazi.
Uthe ushayelwe ucingo sekwenzekile lokhu.
“Isiziba besishona. Bahlulekile ukubhukuda uma sicabanga. Asazi ngempela ukuthi kwenzekeni. Ngeke ngazi ukuthi bajwayele yini ukuyogeza abantu emfuleni ngoba ubaba unomuzi e-Adams. Uhlala khona, mina ngihlala kwenye indawo. Angazi-ke ukuthi ubaba ubekwazi yini ukubhukuda,” kusho uVilakazi.
Uthe bebengakahleli ukuthi bazofihla nini.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe amadokodo ngokushona kwabantu.
“Ithimba labatakuli libizwe eFolweni kuthiwa kukhona abaminzile. Abatakuli baye emfuleni eZimbokodweni lapho bafike bathola ukuthi izangoma bekukhona ezimgezayo. Baminza bonke bobathathu abaneminyaka ephakathi kuka-24 no-65,” kusho uCol. Mbele.
Imizamo yokuthola umndeni wethwasa ayizange iphumelele izolo.