KUMINZE intombazane eneminyaka emihlanu ebinonina obewasha emfuleni, uMvoti, eDamascus ngenkathi iphonseka kuwo ngeSonto ntambama.
Kuthiwa le ntombazane ibinonina obewasha izimpahla zokugqoka ngesikhathi iphonseka emfuleni ebidlala eduze kwawo. Amaphoyisa ophiko lwezinja nabezimo eziphuthumayo kubikwa ukuthi agcwale kule ndawo ethungatha isidumbu sikamufi esitholakale bude buduze nalapho ephonseke khona.
UMnuz Paul Herbst we-IPSS Medical Rescue, uthe ithimba labo kuphoqeleke ukuthi lisebenzise izikebhe nomshini onekhamera nobundizela phezu kwendawo okunyamalale kuyo umufi ngenkathi liphansi phezulu lithungatha isidumbu sakhe.
“ Isidumbu sengane sisithole emfuleni enyamalale kuwo. Sixwayisa umphakathi ukuthi uqikelele ngaso sonke isikhathi uma useduze kwendawo enamanzi,” kusho uHerbst.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisile isigameko sokuminza kwengane.
“ Kuvulwe idokodo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa aseGlendale. Amaphoyisa ayaphenya,” kusho uCapt Gwala.