KUMINZE izingane ezintathu ngenxa yemvula enamandla ehlasele izingxenye eziningi eKZN.
Izolo sigcine sitholakele isidumbu somfana oneminyaka eyisikhombisa ominze ngoLwesibili emfuleni iNonoti, eDarnall, ngakwaDukuza.
Isitatimendeni esikhishwe ngabakwa-IPSS Medical Rescue ekhasini labo kwiFacebook, siveza ukuthi lo mfana utholwe izolo ntambama yithimba labatakuli.
“Ngosizo lwamaphoyisa aseThekwini ophiko iSearch and Rescue, namaphoyisa ophiko lwezinja lwaseMhlali, isidumbu somfana sitholwe endaweni eyikhilomitha elilodwa ukusuka endaweni lapho kuthiwa uminze khona,” kusho lesi sitatimende.
Kwesinye isigameko sokuminza kwengane izolo, kutholwe isidumbu somfana oneminyaka eyisishiyagalombili izolo eMona okuthiwa uminze edamini lamanzi khona izolo ekuseni.
Abezimo eziphuthumayo bakwaReaction Unit South Africa baveze ukuthi babizwe kule ndawo ngabahlali bebabikela ngokuminza kwengane. Bathole ukuthi le ngane ibidlala emanzini ngesikhathi ihluleka wukubhukuda yabe isiminza. Kuthiwa isidumbu sayo sitholwe ngomunye ohlala eduze kwalo mgodi obusuyidamu lamanzi obeyotheza izinkuni.
Kuthiwa lo obone isidumbu ubuyele ekhaya eyobika kwabe sekuphuthuma amadoda amabili kuleli damu asifica isidumbu sengane.
ABATAKULI ngesikhathi bebheka isidumbu somfana oneminyaka eyisikhombisa obemuke emfuleni iNonoti esigcine sitholwe izolo Isithombe: IPSS
Lo mgodi kuthiwa ubukeka sengathi uyindawo embiwayo ukukha inhlabathi kanti ugcwale amanzi njengoba kuna izulu.
Khonamanjalo, kushone elayizolo singakatholwa isidumbu sikaSibongakonke Cele (7) waseMasangweni ngaseMpangeni ominze ehamba nabangani bakhe bona abakwazile ukuphunyuka, emfuleni okule ndawo ngoLwesibili ntambama.
Uyise kaSibongakonke, uMnuz Mfundo Cele uthe abatakuli bazamile ebusuku ngoLwesibili ukuthungatha isidumbu sendodana yakhe kodwa abazange basithole, baphinda baqhubeka nomsebenzi wokufuna ngezintatha zayizolo kodwa kuze kwashona ilanga singakatholakali.
“Inhliziyo yami ibuhlungu kakhulu. Lo mfula ubungemkhulu kangako kodwa kunosomabhizinisi omba isihlabathi kulo mfula,” kusho uCele.
Amalungu omphakathi afuna lo somabhizinisi okuthiwa umba isihlabathi kule ndawo ayekiswe ngoba athi lo mfula uphakathi kwemizi, izingane zigcina ziyobhuduka khona kanti umgodi usujulile.
Kwesinye isigameko esenzeke khona KwaDukuza kuthiwa kumuke owesilisa ona-60 ngoLwesibili obezama ukuwela umfula noneminyaka engu-30 okungatholakalanga ukuthi izidumbu zabo zitholakele yini.