INHLANGANO engenzi nzuzo yowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, iJG Zuma Foundation, ithi sebekulungele ukuba nomkhuleko wokwamukela uMsholozi.
Namhlanje inhlangano izoba nomkhuleko wokwamukela uZuma, ngemva kokudedelwa kwakhe ngoshwele wokugula. Udedelwe ngenyanga edlule ngemva kokudonsa izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15. UMsholozi walahlwa yicala lokudelela umyalelo wenkantolo yoMthethosisekelo.
Inhlangano kaZuma izosingatha umkhuleko wokwamukela uZuma emva kokuphuma ejele, eThekwini, ePeople’s Park.
Okhulumela iJG Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe sebekulungele ukusingatha umkhuleko. UManyi uthe umthandazo uzohanjelwa abamabandla ahlukene nabelaphi bendabuko kanti kulindeleke ukuthi zitheleke ngezinkani izinkumbi zabalandeli bakhe.
“Wonke umuntu wamukelekile. Sinxusa abantu ukuthi balandele yonke imithetho ebekelwe ukulwa nokusabalala kobhubhane icorona. Silindele ukuthi umoya oyingcwele uyidudulele kude icorona,” kusho uManyi.
Uqhube wathi uMsholozi uyawudinga umkhuleko. “Usebhekane nezikhathi ezinzima kakhulu. Kuyimanje kukhona nabasiphonsela inselelo isinqumo sokudedelwa kwakhe ngoshwele wokugula.”
Izinhlangano, iHelen Suzman Foundation, i-AfriForum neDA zasiphonsela inselelo enkantolo isinqumo sokudedelwa ngoshwele wokugula kukaZuma. Wadedelwa ngoshwele wokugula ngemva kokuhlala isikhathi eside esibhedlela esingaphandle kwejele laseMtshezi, elashelwa isifo esingadalulwanga.
Ngokombiko kadokotela owaputshuzelwa abezindaba, impilo kaZuma isengcupheni. Umbiko waveza ukuthi kungathatha izinyanga eziyisithupha ukwelapha uZuma.