UMHOLI we-EFF uMnuz Julius Malema usexwayise ikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana ukuba ibheke ezinye izindlela zokunciphisa izindleko njengoba imali esisetshenziswe kule khomishini ilinganiselwa ku-R350 million.
Selokhu kwaqala le khomishini ngonyaka odlule, izindleko zabakhokhi bentela ezisetshenzisiwe zibalelwa ngaphezulu kuka-R350 million. Isiteshi sethelevishini somphakathi, iSABC sibike ukuthi uMalema uthe usecele uSihlalo wekhomishana iJaji uRaymond Zondo ukuba athole ezinye izindlela zokusebenza kwekhomishini ukuze kongiwe imali.
UNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuleli uNkk Patricia De Lille usanda kudalula ukuthi kukhokhelwe inkampani yezindaba iTiso Blackstar nenkampani yezindawo zokuhlala iRedefine Properties imali engu-R 14,8 million ukuze kusebenze ikhomishana kaZondo.
UDe Lille waveza ukuthi ilinganiselwa ku-R1,2 million imali eyasetshenziswa ukuqasha amahhovisi nehholo kwiTiso Blacstar neRedefine Properties.
“Kuyabiza kakhulu, siyawuthandda umsebenzi abawenzayo futhi iqiniso liyaphuma kule khomishana. Ezinye izinto besivele sizazi, besikhuluma ngazo ngaphambilini. Kodwa bengitshela iJaji ukuthi singazama ukusebenzisa izindlela ezingabizi kakhulu ukuze sizokwazi ukuqhubeka nale khomishini,” kuchaza uMalema.
Uma sekuhlukaniswa izimali, kuvela ukuthi imali yokuqasha amahhovisi eTiso Blackstar ilinganiselwa ku-R72 846.52 kanti ukuqasha ihholo lale nkampani kubiza u-R796 950, okwenza le mali ilinganiselwe ku-R870 000 uma isihlanganisiwe.
I-EFF isikuxgexe kaningana ukusetshenziswa kwamahhovisi eTiso Blackstar.
I-ANC ithe iyayeseka ngokugcwele le khomishini. USihlalo wayo uMnuz Gwede Mantashe uthe labo abatholwa benamacala kumele bajeziswe.