ZENZE okungajwayelekile izinswelaboya okuthiwa zigqekeze indlu yebandla lamaRoma aKhatholika e-Oakford, eVerulam, maqede zaphuza iwayini zashiya kumapeketwane ngaphakathi.
Kuvela ukuthi ziqale zaphula umnyango zase zingena ngaphakathi.
Isolezwe linazo izithombe ezikhombisa umonakalo eziwenzile ngaphakathi.
Kuvela ukuthi ukugqekezwa kwale ndlu yesonto kukhinyabeze ukukhonza njengoba ubuholi balo obuphezulu bunqume ukuthi bumise ukukhonza kuleli sonto nasemagatsheni alo.
Leli bandla lingaphansi kwesiFundabhishobhi saseThekwini esiholwa nguMbhishobhi Mandla Mjwara. Ihhovisi lakhe lithunyelelwe imibuzo mayelana nalesi sigameko kodwa azikho izimpendulo ezibuyisiwe.
Ilungu lebandla elingathandanga ukudalulwa, lithe badumele kakhulu ngokugqekezwa kwesonto.
Liveze ukuthi lokhu kuphoqe ukuthi izinkonzo zimiswe ngoba abakwazi ukukhonzelae endaweni engcolile.
''Ubuholi bebandla buthathe isinqumo sokuthi kumiswe ukukhonza kule pherishi. Asikwazi ukuthi singaqhubeka sikhonea endaweni engcole ngalolu hlobo,'' usho kanje.
Ilungu lithe kukhona umcimbi abazowenza wokuhlanjululwa kwepherishi ngokuhamba kwesikhathi, laveza ukuthi izinswelaboya zintshontshe izitsha okufakwa kuzona umnikelo nezinye izitsha elithe ziyingxenye enkulu yeMisa futhi sisinye lithe sibiza u-R4 000.
Phakathi kwalezi zitsha kuvela ukuthi bekukhona ezineSakramente elithathwa njengomzimba kaKristu, nokuyilo elenza ukuthi iMisa libaluleke.
Ilungu likhale ngokuthi maningi amagatsha angaphansi kwale pherishi angeke asakhonza ngenxa nje yalesi simo.
Amakholwa alawo magatsha okuthiwa mane, azosala dengwane ngenxa yalesi simo esibehle ngaphezulu.
Leli lungu lebandla lidalule ukuthi bese kungokwesibili izinswelaboya zihlasela kule ndlu yesonto.
"Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi sekungokwesibili manje kugqekezwa isonto. Akukapheli nesikhathi esingakanani njengoba bake baligqekeza, basusa nothayela waphezulu,'' lisho kanje.
Ilungu lisole amaphoyisa lathi ayadembesela, akukho okungakho ababalekelela ngakho, lathi ukuba ayangenelela ngabe abazitholi bebhekene nengwadla engaka yokugqekezwa kwendlu yesonto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZululu Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko.
Uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya isigameko sokugqekezwa kwendlu yesonto.
Uthe kusolakala ukuthi kunabantu abathile abagqekeze indlu yesonto, bangena ngaphakathi.
"Kukhona nezinto okuvela ukuthi bazintshontshile sebengene ngaphakathi,'' usho kanje.
Kwenzeka lesi sigameko nje, Isolezwe emasontweni amabili edlule, libike ngokubanjwa inkunzi kwabafundi nabazali besinye sezikole ezakhelene naleli sonto. Abafundi baseSacred Heart Secondary nabanye abazali babanjwa inkunzi yizigebengu okuthiwa zafike zaqhumisa izibhamu kusanda kuphuma isikole. Abafundi kuthiwa basala bethuthumela emuva kwesigameko. Kule ndawo kukhona nesikole samabanga aphansi.