IMVULA izihloniphile izinkumbi zezintombi ebezisuka ezindaweni ezahlukene ukuyohambisa umhlanga kwiSilo Samabandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, esigodlweni saseNyokeni, KwaNongoma, izolo.
Imvula ebiyishaya kakhulu ekuseni inqamuke nya ngesikhathi izintombi ebeziholwa uMntwana uCebo Zulu zihambisa umhlanga kuNgangezwe lakhe.
Bekukhona nezintombi ezisuka kwezinye izifundazwe ukuzogubha uMkhosi woMhlanga.
Izethameli zalo mcimbi beziphume ngobuningi ukuzozibonela amatshitshi namajongosi bezigqaja ngobuntombi babo.
Izinsizwa ebezikhona zigcine sezididekile njengoba izintombi bezizinhle zihlobile.
UNgangezwe lakhe wamukele umhlanga kuMntwana uCebo, lapho ebonise ukujabula nokuziqhenya ngokuziphatha kahle kwakhe.
Induna yezintombi, uNksz Dolly Masango (28), waseNkunzane khona KwaNongoma, ibilokhu izihole njalo izintombi izigqugquzela ukuthi zicule amaculo.
Uthe waqokwa iSilo ngo-2010 ukuthi ahole izintombi emhlangeni.
“UNgangezwe lakhe wangiqoka ngokubona ukuthi ngiyintombi esikhulile. Ngiqale ukuhamba umhlanga ngineminyaka engu-14 ngingakazi nokuthi kwenziwani,” kusho uNksz Masango.
Uthe yize amuliswa ngo-2011 lokho akuchazanga ukuthi usenganikela ngobuntombi bakhe.
“Abanye bazi ukuthi uma usumulisiwe usuke usungakhululeka wenze noma yini kodwa akunjalo.
Mina ngizitshelile ukuthi ngizozigcina kuze kube uNkulunkulu ungibusisa ngomshado. Le mpilo inzima kodwa iyaphileka,” kusho uNksz Masango.
Abesifazane abahlola izintombi bazwakalise ukudumala ngalabo abagxeka lo mkhosi nabanezinsolo zokuthi ezinye zezintombi zisuke zingasewona amatshitshi.
UNkk Makhosazane Mpungose, (59) waseDanhauser obehamba nezintombi ezingu-54, unxuse abantu ukuthi bayeke ukuthuka izintombi.
“Akezi emhlangeni umuntu ongaseyona intombi nto. Sifike simhlole aphinde ahlolwe nangabanye omama angabazi uma sekuzoyiwa emhlangeni. Izingane esezimoshakele uzibona ngokuthi zingabe ziseza lapho esihlola khona njalo ngenyanga,” kusho uNkk Mpungose.
Uthe abantu abayeke ukuthi ibele eliwile akusilo elentombi nto ngoba imizimba yabantu ayifani.