UNGQONGQOSHE oseHhovisi likaMengameli futhi obhekene namalungelo abesiFazane, iziNgane nabanokuKhubazeka, uNkk Sindisiwe Chikunga, ucacisele umphakathi waseMshwathi ngemithetho emqoka kuleli.
Kulo mbuthano obusehholo laseCool Air, eDalton ngoMsombuluko, bekuchazelwa umphakathi kabanzi ngobumqoka bomthetho wemfundo yamabanga aphansi iBELA Act nomshwalense wezeMpilo iNHI.
UNkk Chikunga uthe bebezochazela umphakathi wakulo masipala ngokuthi le mithetho iyini, isebenza kanjani nokuthi abantu bangalindelani kuyo.
"Okungijabulisayo wukuthi bebekhona ebebeqhamuka eMnyangweni weMfundo eyisiSekelo nabebevela kowezeMpilo."
UNkk Chikunga uthembise umphakathi waseMshwathi ukuthi uzobuya esezowuchazela nangeminye imithetho futhi ezoxazulula ezinye izingqinambi ezikhungethe lo mphakathi ezinjengogesi namanzi.
Imeya yakulo masipala, uMnuz Mandla Zondi, ithe babone kunesidingo sokuthi abantu bacathuliswe ngeminye yemithetho yakuleli.
"Yingakho simeme amakhosi, izinduna abefundisi namanye amalungu omphakathi. Ungqongqoshe ubuye wenza umsebenzi obaluleke kakhulu ngokuthi alande abantu abangongoti kule mithetho."
UZondi ubuye wanxenxa umphakathi wakulo masipala ukuba uphelele ngobuningi bawo uyothamela umcimbi wokwethulwa kwesabelomali salo mkhandlu nezinhlelo zakhona ezinkundleni zemidlalo zaseThokozani ku-ward 1 namhlanje kusukela ngo-10 ekuseni.