NONTUTHUKO NGUBANE noBALDWIN NDABA
ABAHLAZIYI nesazi somthetho bathi kululaze isithunzi seKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana, ukulaxaza ikhomishini kowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma engazange azise usihlalo wayo.
UZuma umangaze iJaji uRaymond Zondo engasabuyi ekubeni engazange ayithole imvume yokwenza lokhu.
Ummeli, uMnuz Mpumelelo Zikalala weZikakala Attorneys, ethintwa Isolezwe uthe okwenziwe uZuma kuwuphoxe kabi umthetho.
“Okokuqala nje ukungayihloniphi ikhomishini akwenzile, uma ubheka uhlobo lwabameli bakhe, ubuke nokuthi wayengumengameli lo muntu bekumele awuhloniphe umthetho. Uma ebona ukuthi akakwazi ukuba ingxenye yekhomishini, bekumele acele ukuhoxa kuyona, angavele anyamalale. Ikhomishini akuyona impela inkantolo kodwa yisigcawu sezomthetho okunemithetho elandelwayo kuyo. Uma ubuka indlela ekwenzeke ngayo, abameli bebengacela ukuphinde babuye sebezilungiselele ngoba kade bematasa nesicelo. Asikho isizathu ebesingenza uZondo anqabe uma becela kuhlehliselwe olunye usuku. Ngokubuka kwami manje ikhomishini izokwenza ngayo yonke indlela ukuzama ukuletha uZuma azofakaza. Kodwa bazogcina benesimo lapho engasafuni ukuphendula lutho kuyona, lokho ke ngeke kubayise ndawo,” kusho uZikalala.
Umhlaziyi ozimele uMnuz Thabani Khumalo, uthe ukuthi uZuma avele ahambe kuveze obala ukuthi akukho afisa ukukusho kwikhomishini.
“Ngibuke ukuthi akukho uZuma abefisa ukukusho kule khomishini ngakho uma isicelo sakhe sichithwa uvele wabona kufanele ahambe. Akukuhle nokho ngoba kubukeka sengathi ubukela phansi ikhomishini. UZuma nangasekuqaleni ezofakaza akukho afika akusho ngaphambi kokusola abantu, wagcina esengene ezinkingeni ngalokho. Manje usenkingeni yokuthi kumele aphendule imibuzo. Sekuyosebenza wona umthetho ukuba uphoqe uZuma ukuba azofakaza futhi,” kusho uKhumalo.
USolwazi Bheki Mngomezulu uthe yize okwenziwe uZuma kululaze ikhomishini kodwa noma ubani ubengakwenza.
“Kuningi esingakufunda kulokhu okwenziwe uZuma. Okokuqala nje ngasohlangothini lwekhomishini kuyayilulaza okwenziwe uZuma ukuba avele ayishiye ngoba kulindeleke ukuba bonke bayihloniphe. Ohlangothini lukaZuma noma ubani ubengashiya ngoba lo muntu akhala ngaye uyamchitha futhi sekumele aqhubeke athule ubufakazi kuye. Uma ubheka lokhu uZuma akhala ngakho uthi ubona uZondo echemile manje angakwazi kanjani ukuqhubeka asingathe udaba lwakhe. Lokhu vele uZuma kumenza abe nongabazane ngaye nangekhomishini. Kumele uyibheke nangasekuqaleni ukuthi ikhomishini yaqinisa amabhawodi uZuma ethula ubufakazi, wabuza imibuzo kwaba sengathi ubekwa icala. Kunzima ukuphinde ahlale kule khomishini ngoba unakho ukuthi bacabanga ukuthi unecala. Kusazoba lukhuni satshe ukuba uZuma azokhuluma kule khomishini,” kusho uMngomezulu.
Ikhomishini kuvele ukuthi izohlala nangempelasonto ukubhunga ngesinqumo sikaZuma.
Ummeli kaZuma u-Advocate Muzi Sikhakhane, uthe bazosiphikisa isinqumo sikaZondo sokuchitha isicelo sikaZuma sokuthi uZondo ahoxe uma ezofakaza.
UZondo unxuse ithimba labameli bekhomishini ukuthi licubungule okwenziwe uZuma izolo ngakho kumele bahlangane ngempelasonto.
UZondo ekhipha isinqumo uthe uZuma uhlulekile ukuveza ukuthi uchemile.
Ukuchithile ukuthi wavakashela uZuma emzini wakhe eThekwini.
“Emuva kokuqoka ukuthi ngibe usihlalo wekhomishini, iNhloko yamaJaji (Mogoeng Mogoeng), yathi uZuma ufuna ukuhlangana nami. Ngaya emzini wakhe ngokomsebenzi.”