UZOGWETSHWA ngo-Okthoba 30 nonyaka owesilisa ozivumele icala lokubulala izingane ezine ngoba esola unina ngokujola nesoka lakhe lakudala.
USbusiso Ernest Mpungose (44), ngoLwesine ulahlwe amacala amane okubulala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, kulandela ukuvuma ukuthi waklinya izingane zakhe uKuhlekonke (4), Khwezi (6), Siphesihle (10) nengane yakhe angayizali * -Ayakha Jiyane (17).
Izingane wazibulala ngoSepthemba 3, eWyebank, ePinetown.
Okhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Kara, uthe yize evume amacala okubulala kodwa elokudlwengula usazoliqula eceleni.
“Icala lokudlwengula abhekene nalo, lisazoqhubeka eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoNovemba 7 nonyaka. Icala lokudlwengula alithintene nomndeni awubulala,” kusho uNkk Kara.
Esitatimendeni sokuvuma icala, uMpungose uthe ngelanga lesigameko wayenokhwantalala wabe esekhetha ukuzibulala nezingane zakhe.
Uthe ngoMeyi nonyaka wathola imiyalezo ocingweni lwenkosikazi yakhe eyayikhombisa ukuthi usathandana noyise wengane yakhe yokuqala uMnuz Vusi Jiyane.
Uthe wambuza unkosikazi ngalokho kodwa waphika. Uthe izinto azibanga zinhle phakathi kwabo njengoba bese belala emakamelweni ahlukene. Unkosikazi wakhe waze wathi kungcono behlukanise umshado.
“Ngelanga lokufa kwezingane ngabo-2 ntambama ngabiza itekisi ngayolanda izingane zami esikoleni. Sifika ekhaya ngathuma uSiphesihle esitolo. Ngabe sengibiza uKuhlekonke noKhwezi ekamelweni. Ngababamba, ngabopha izandla zabo ngemuva, ngabavala nomlomo. Ngasebenzisa izimpahla ukuvala ubuso babo. Esebuya iSiphesihle naye ngameza okufanayo. Ngase ngibafaka intambo entayeni, ngamunye. Ngaqala ngoSiphesihle, ngamlengisa ezinsimbini zewindi. UKhwezi ngamlengisa kwelinye ikamelo ewindini, ngabe sengigcina ngoKuhlekonke engamlengisa ku-wardrobe. Ngemizuzwane nje bonke base beshonile,” kusho uMpungose.
Uthe wabe esethuka, washiya kanjalo endlini, esekhiyile.
Uthe waya esikoleni sika-Ayakha, uthe wafika sebephumile kodwa wagibela naye itekisi eyodwa. Uthe endleleni wamtshela ukuthi unina uthi abahlangane edolobheni. Uthe behla itekisi ingakafiki edolobheni, uthe wayelokhu ehamba emuva kwakhe. Sebesesigangeni, uthe wakhipha intambo ayeyiphethe wabe esemklinya ngayo. Wamlengisa esihlahleni.
“Wazama ukulwa ezama ukuzikhulula, kodwa ngamhlula ngamandla,” kusho uMpungose.
Uthe waya kothenga utshwala efuna ukuthola isibindi sokuzibulala ngoba wayazi ukuthi ufunwa amaphoyisa. Uthe wayehlele ukugxuma ebhulohweni elihamba izimoto kodwa wagcina engakwenzanga, waboshwa.
Ngokombiko weNews 24, unina wezingane, uNkk Xolisile Patricia Mpungose, ethula ubufakazi ngokuthi kwamhlukumeza kangakanani ukubulawa kwezingane zakhe, uthe kufana nokuthi wambulala ephila ngoba akasakwazi ukuqhubeka nempilo.
Kumanje uthathe ikhefu emsebenzini ngoba akakwazi ukusebenza nezingane.
UNkk Mpungose ukuphikile ukuthi ubesebuyelene noyise wengane yakhe endala, wathi babexhumana nengane yakhe besebenzisa ucingo lwakhe.
UMnuz Skhumbuzo Jiyane, ongumfowabo kayise ka-Ayakha uthe akukho abangakusho sebebheke isigwebo.
“Okubuhlungu ukuthi yebo yena uwavumile amacala okubulala izingane kodwa lokho ngeke kuzibuyise,” kusho uJiyane.