Izindaba

Kulindeleke uZandie kwelokubulawa kukaMeyiwa

Thokozani Ndlovu|Published

UZANDIE Khumalo-Gumede, okubhekwe ukuthi angene ebhokisini lofakazi ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owadutshulelwa kubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo ngo-2014 Isithombe: INSTAGRAM

UMCULI ophinde abe ngudadewabo kaKelly Khumalo, uZandie Khumalo-Gumede, kulindeleke ukuthi agibele ebhokisini lofakazi kusasa ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, eliqhubeka eNkantolo eNkulu yasePitoli.

Isolezwe ngeSonto, lithole ngomthombo walo owazi uhlu lofakazi nokulandelana kwabo ukuthi uZandie uyena ongena ebhokisini lofakazi namhlanje.

Ebufakazini osebethulwe enkatolo, kuvela ukuthi uZandie ungomunye wababekhona ngelanga lesigameko sokufa kukaSenzo Meyiwa ngo-Okthoba 26, 2014, kubo kaKelly Khumalo, eVosloorus.

Kuthintwa iMenenja kaZandie, uMhlo Gumede, ayitholakalanga ukuphawula.

Ku-Instagram, uZandie ubhale into eyela ecaleni kodwa wangaphumela obala ngalo.

Umbhalo wakhe uthi: Ngi scarce too much mawung’bona make a wish, angithi I am a shooting star 💫. Late lunch with my faves 😍🍷🍹🥃,Sanibonani e Gauteng……….Isikhathi sifikile ,Gods timing is everything, asihlangane khona but kukho konke okuzokwenzeka this coming week a lesson will be taught and it will be learnt ❤️🙏.

Kuleli sonto ufakazi wesibili woMbuso, uMthokozisi Thwala umbulwe izinqe wu-Advocate Zandile Mshololo, emveza njengofakazi ongenalo iqiniso.

Lokhu kulandela ukuthi evule izimbobo ebufakazini bakhe, njengoba ebebuye athi okunye akakukhumbuli, ahlulwe nawukuchaza ngendlela eqondile ngokwenzeka kwalesi sigameko.

UThwala ubelandela uTumelo Madlala owaqeda ukwethula ubufakazi ngonyaka odlule. Bobabili babengabangani bakaSenzo baseMlazi lapho kudabuka khona umufi futhi babekhona ngelanga lesigameko sokushona kwakhe. Amagama kaZandie, Kelly Khumalo, Longwe Thwala oyindodana kaChicco, iwona alokhu ehamba phambili kuleli cala.

Yize ebufakazini osebethulwe enkantolo ofakazi bethi kwangena izigebengu ezazibamba inkunzi kwaKhumalo ngelanga lesigameko, u-Advocate Mshololo uveze ukuthi akukho sigebengu esangena endlini kodwa uMeyiwa wayezama ukulamula kuxabana uZandie noLongwe, wadubuleka.