SIGODLIWE isinqumo ecaleni ebelifakwe yiDemocratic Alliance (DA) enkantolo lokuphoqa owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma ukuba azikhokhele izindleko zamacala abhekene nawo.
NgoLwesithathu u-Adv Thabani Masuku obemele uZuma utshele amajaji ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ubengakashintshi ekutheni izindleko zecala zikhokhelwe wuhulumeni njengoba uZuma wasayina isivumelwano nalowo owayenguMengameli wezwe uMnuz Thabo Mbeki ukuthi kube wuhulumeni okhokhayo.
Ihhovisi likaRamaphosa lithe uhulumeni uzoqhubeka nokukhokhela izindleko zecala likaZuma kuze kube inkantolo ithatha esinqumo esiphikisana nalokhu.
IDA ne-Economic Freedom Fighters (EFF) ifake icala enkantolo ngoba ifuna uZuma akhokhe uR15.3 million osusetshenzisiwe emacaleni akhe.
Le mali isetshenziswe kusukela ngo-2006 ngesikhathi kushushiswa uZuma ngodaba lwama-spy tapes.
UMmeli weDA u-Adv Sean Rosenberg uthe kushushiswa uZuma hhayi umbuso ngakho uhulumeni akufanele akhokhele abameli bakhe.
U-Adv Thembeka Ngcukaitobi omele i-EFF uthe uZuma uphethwe ngezandla ezintofontofo ezimnika imali yombuso futhi kufanele abuyise imali esikhokhwe wuhulumeni.
UMasuku usole iDA ne-EFF ngokudlala ipolitiki esho nokuthi izindleko zecala likaZuma azimbi eqolo.
Uthe kubalulekile ukuthi ummeli kahulumeni eseke abantu abasebenzela uhulumeni noma ngabe babhekene namacala okudlwengula.
UJaji Pieter Meyer, utshele uMasuku ukuthi uZuma waziqokela ummeli wakhe ongasebenzisani nommeli kahulumeni.
UMasuku uthe akusiye yedwa uZuma okhokhelwa izindleko zecala wuhulumeni ngoba nomkhuzi wamaphoyisa ongasekho uMnuz Jackie Selebi wayexhaswe wuhulumeni.
UJaji Aubrey Ledwaba uthe ukuthi kunabantu akade bethola uxhaso kuhulumeni akusho ukuthi lesi senzo silungile.
UMasuku uthe lolu daba kufanele luchithwe ngoba ukuba kwalo enkantolo kubambezela ukuthethwa kwecala elibhekene noZuma kulokhu kubhekwa ukuthi wubani okufanele akhokhe.
Uthe ukube iDA yayizimisele ngokuthi uhulumeni angakhokhi izindleko zecala kwakufanele ilufake enkantolo lolu daba ngo-2008.